
BAGQUGQUZELEKE basukuma abesilisa ngesikhathi benxenxwa ukuthi bahlolelwe umdlavuza wendlala yesinye mahhala, eMlazi Comtech esigcemeni sakwaS eMlazi ngoMgqibelo. UMnu Dumisani Pakkies weTEMPUDU Foundations ubonge abantu baseMlazi ngokulalela bese beyahlolwa. Uthi kumhlabe umxhwele ukuthi kusukume amadoda abalelwa ku-200 ezohlola kulo mphakathi.
“Kumele sisuke endaweni yokungazi kepha sizihluphe ngolwazi, okungihlabe umxhwele wukuthi phakathi kwalamadoda bekukhona nabangakafiki ku-40 kepha abazikhathazile ngokuzohlolwa. Asigxili nje kumdlavuza kuphela kepha sigqugquzela amadoda ukuthi azi ngesimo sawo sempilo jikelele. Lesisho esithi ugotshwa usemanzi sisebenze kakhulu izolo ngoba sibone izinsizwa zizihlupha ngolwazi, lokho kusho ukuthi ngesikhathi sebefika ku-40 bazobe bengasadonselwa kodokotela noma emtholampilo kuzoba sekuyinto abayejwayele wukuhlola isoimo sabo sempilo,” kuchaza yena .

Uthi uhlobo lwemfundo abafisa ukulufaka kwabesilisa ngolokusukuma kungakonakali lutho. “Iyamangaza indlela iningi lethu elicabanga ngayo, kunomcabango wokuthi umdlavuza ukhetha abathile ababuthaka kanti akunjalo. Omunye uvele avike ngokuthi uyaphalaza futhi uyachatha yena athi ‘ngeke ungiphathe umdlavuza mina’. Iqiniso wukuthi nami ngangizitshela lokho, yingakho ngayibamba isiku stage 3. Ukwesaba kuyimvelo kepha zihluphe ngolwazi,” kuchaza yena.
UMnu Pakkies uthi yena akazange akazange abe nezinkomba ezithi unomdlavuza. “Umdlavuza kawufani nomkhuhlane wona obikezelayo ukuthi uyeza. Ngiyanxusa kwabesilisa ukuba bawasebenzise ama-medical aid, abanye babuye bakhale ngokuthi bawakhokhela ubala ngoba aabaguli. Iqiniso lithi akusiwo awokugula kepha awokugwema ukugula, uye kohlolwa kodokotela. Nasemtholampilo abanye bavele bathi bazoya kokwenzani khona bengaguli, akuyiwa ngoba sewugula- uyela ukugwema ukugula,” esho.

UMnz Pakkies uthe amadoda awakhulume ngalesi sifo ngoba siyingozi. Uthi kufanele akhulume njengoba esuke ekhuluma ngebhola. Uthi uma bengenza njalo kungaba lula ukuba sigwemeke. “Kunzima ukudla imishanguzo yalesi sifo ngoba miningi. Ngiyacela amadoda ukuba ahlolwe. Akudingi ukuze ugule ukuze uye kohlolwa, hlolwa kusenesikhathi, mina ngaya kohlola ngingenalutho ngafike ngathola ukuthi nginomdlavuza,” esho.







