Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

by | 14 April 2026


KUSUKELA kwesobunxele nguMnu Lindani Shandu, olale isibili, nguMnu Bongani Malimela onqobe umklomelo wokuba ngumshayeli ovelele noMnu Sithembiso Zikalala olale isithathu.

AYILOKOTHI itekisi ngoMgqibelo inhlalisuthi enqobe umklomelo wokuba ngumshayeli wetekisi ovelele emcimbini wokuklomelisa abashayeli bamatekisi basenkabeni yeTheku, obubanjelwe eThekwini, ngoLwesihlanu. 

Lo mcimbi obesekungokwesithathu wenzeka, ubuhlelwe wusoseshini wamatekisi iSouth and North Beach Taxi Association. UMnu Bongani Malimela (32), unqobe umklomelo weBest Driver of The Year, okuwumunxa lapho umshayeli evotelwa khona ngabagibeli. 

ILANGA likhulume noMalimela ongowokuzalwa KwaDumisa, eMkhomazi, oveze ukuthi waqala ngo-2015 ukushayela amatekisi, ngemuva kokuthola izincwadi zokushayela. Le nsizwa ethi yayinesifiso sokuba yintatheli, iveze ukuthi ikholwa wukuthi ukuzimisela nokwazisa umuntu, yikhona okuyenze intandokazi yabagibeli. Ithi kayigcini ngokuhlonipha abagibeli kodwa nozakwabo ibazisa kakhulu.

“Ngizalelwe ngakhulela eMkhomazi. Isifiso sami ngisakhula kwakuwukuba yintatheli noma uthisha. Ekubeni yintatheli ngashawa yimaki lami lesiNgisi ukuze ngamukelwe esikhungweni semfundo ephakeme. 

“Ngiqale ngokushaya isicabha ematekisini kusukela ngo-2011 kuya ku-2015, ngabe sengithola izincwadi zokushayela. Kusukela lapho ngiqhubeke nalo msebenzi, kuze kube yimanje. Uyangisiza kakhulu umsebenzi wami, ngondla ngawo izingane zami eziwu-5, ezimbili ngihlala nazo nonina. Ngalo msebenzi, ngiyakwazi ukunakekela umndeni wami,” esho.

UMalimela uthi wazitshela ukuthi kubalulekile ukuhlonipha omunye umuntu, okuyinto athi uhleze ezikhumbuza yona uma engena etekisini. Uthi uyiNazaretha elikhonza ngaphansi koNyazi, futhi njalo uma kuyiSabatha akayithinti itekisi, usuke eseSabatheni.

“Yize ngisebenza ngokushayela itekisi kodwa ngiyaye ngiye enkonzweni ngamaSabatha. Ngenxa yokuthi ithempeli lami lisemakhaya eMkhomazi, ngiya kunoma yiliphi lapha eThekwini, inqobo nje uma ngiyile enkonzweni.”

UMnu Yusuf Khaliva, ongusihlalo weSouth and North Beach Taxi Association, uthe ngokwabo bonke abashayeli baphumelele kulo mcintiswano. Uthi nabangazange bathole imiklomelo, lokhu kumele kubagqugquzele nabo.

“Okungijabulisayo wukuthi kulo mncintiswano besibamemile nabagibeli kanti khona abakuwinile nabo. Lokhu kusho lukhulu kithina, ngoba inhloso yalo mcimbi wukuba kube nokuxhumana phakathi kwabo nabashayeli. Sijabule kakhulu ngendlela obe yimpumelelo ngayo,” kusho uKhaliva.

Ezisematheni

Ubanjwe eMelmoth ‘owabulala’ abangu-9 eSydenham

Ubanjwe eMelmoth ‘owabulala’ abangu-9 eSydenham

UBANJWE Obuka, eMelmoth umsolwa obefunelwa amacala okubulala abantu abangu-9 ezigamekweni ezimbili ezehlukene eSydenham ngo-2021. Okhulumela amaPhoyisa kwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe umsolwa ubanjwe ngoLwesithathu ebusuku wuPhiko lweMuder and Robbery...

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Khumalo (ongasekho). UKhuzani uveze lokhu...

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

BADEDELWE ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye uNkk Tsakane Matlala nababili abeboshwe nabo ngecala lokuqasha indawo eseWaterkloof  ebiza u-R95 000 ngenyanga okuthiwa basebenzise isivumelwano somgunyathi abathi isona esiqinisekisa ukuyiqasha kwabo. UTsakane...