Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuhlehliselwe isonto elizayo ukulalelwa kobufakazi buka-Adams kwekaMadlanga

Kuhlehliselwe isonto elizayo ukulalelwa kobufakazi buka-Adams kwekaMadlanga

by | 11 August 2026

KUHLEHLISELWE uLwesithathu oluzayo mhla ka-19 kwephezulu ukulalelwa kokubakazi belungu lePhalamende nomholi weNational Coloured Congress uMnu Fadiel Adams kwiKhomishini kaMadlanga.

Lokhu kuza ngemuva kokuba ohola ubufakazi kule khomishini U-Adv Matthew Chaskalson eveze ukuthi basithole ngemuva kwehora lesi-21h00 ebusuku izolo ngoMsombuluko isitatimende esifungelwe sika-Adams, yize baqala ukusifuna ngoMfumfu (October) wangonyaka ofile.

Lokhu kakwehlanga kahle eJajini uMbuyiseli Madlanga, otshele u-Adams ukuthi ukhombise ukwedelela nokubukela phansi le khomishini.

“Isizathu sokuthi awukwazanga ukuhlanganisa i-affidavit ngesikhathi ngoba ubunenkinga ye-laptop yinto engakholakali. Uyilungu lePhalamende, ngakho ukwehluleka kwakho ukuhlonipha le khomishini namandla enikwe yona, kusho ukuthi kawubahloniphi nabantu obamele, okuyibona abakufake ePhalamende,” kusho uMadlanga.

U-Adams uthe emasontweni adlule, ngemuva kokuthola amaphepha ambizela kule khomishini, wabhala i-email, ecela ukuba ahlehliselwe usuku lokuvela.

“IKhomishini ingibuze imibuzo emithathu. Kodwa-ke ngenxa yokuthi kuningi engifuna ukukudalula, okungaphezulu kwalokhu engibuzwe khona, yingakho ngicele ukuhlehliselwa usuku ukuze ngihlanganise kahle konke,” esho.

Bekubhekwe ngabomvu ukuvela kuka-Adams kule khomishini njengoba igama lakhe livele kaningi ngesikhathi kwethulwa ubufakazi phambilini. Okubhekwe kakhulu ebufakazini bakhe wukuthi wawathola kanjani amaphepha ezobunhloli, okungavunyelwe noma ngubani ukuthi abe nawo. Nokho uhlale imizuzwana, kwaphoqeleka ukuba kuhlehliswe ukwethula kwakhe ubufakazi ngenxa yokuthi nayo le khomishini idinga isikhathi sokufunda amaphepha obufakazi, ukuze ahlele kahle imibuzo.

Ngokusho kuka-Adams, isitatimende sakhe sinamakhasi angaphezulu kuka-300.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...