Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuhlehliselwe isonto elizayo ukulalelwa kobufakazi buka-Adams kwekaMadlanga

Kuhlehliselwe isonto elizayo ukulalelwa kobufakazi buka-Adams kwekaMadlanga

by | 11 August 2026

KUHLEHLISELWE uLwesithathu oluzayo mhla ka-19 kwephezulu ukulalelwa kokubakazi belungu lePhalamende nomholi weNational Coloured Congress uMnu Fadiel Adams kwiKhomishini kaMadlanga.

Lokhu kuza ngemuva kokuba ohola ubufakazi kule khomishini U-Adv Matthew Chaskalson eveze ukuthi basithole ngemuva kwehora lesi-21h00 ebusuku izolo ngoMsombuluko isitatimende esifungelwe sika-Adams, yize baqala ukusifuna ngoMfumfu (October) wangonyaka ofile.

Lokhu kakwehlanga kahle eJajini uMbuyiseli Madlanga, otshele u-Adams ukuthi ukhombise ukwedelela nokubukela phansi le khomishini.

“Isizathu sokuthi awukwazanga ukuhlanganisa i-affidavit ngesikhathi ngoba ubunenkinga ye-laptop yinto engakholakali. Uyilungu lePhalamende, ngakho ukwehluleka kwakho ukuhlonipha le khomishini namandla enikwe yona, kusho ukuthi kawubahloniphi nabantu obamele, okuyibona abakufake ePhalamende,” kusho uMadlanga.

U-Adams uthe emasontweni adlule, ngemuva kokuthola amaphepha ambizela kule khomishini, wabhala i-email, ecela ukuba ahlehliselwe usuku lokuvela.

“IKhomishini ingibuze imibuzo emithathu. Kodwa-ke ngenxa yokuthi kuningi engifuna ukukudalula, okungaphezulu kwalokhu engibuzwe khona, yingakho ngicele ukuhlehliselwa usuku ukuze ngihlanganise kahle konke,” esho.

Bekubhekwe ngabomvu ukuvela kuka-Adams kule khomishini njengoba igama lakhe livele kaningi ngesikhathi kwethulwa ubufakazi phambilini. Okubhekwe kakhulu ebufakazini bakhe wukuthi wawathola kanjani amaphepha ezobunhloli, okungavunyelwe noma ngubani ukuthi abe nawo. Nokho uhlale imizuzwana, kwaphoqeleka ukuba kuhlehliswe ukwethula kwakhe ubufakazi ngenxa yokuthi nayo le khomishini idinga isikhathi sokufunda amaphepha obufakazi, ukuze ahlele kahle imibuzo.

Ngokusho kuka-Adams, isitatimende sakhe sinamakhasi angaphezulu kuka-300.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...