Ilanga News
Home 9 Izindaba zakamuva 9 Asaziwa noma ngesowesilisa noma owesifazane isidumbu esitholwe sishisiwe

Asaziwa noma ngesowesilisa noma owesifazane isidumbu esitholwe sishisiwe

by | 29 December 2024

KUSALE imibuzo kumalungu omphakathi waseWaterloo, eThekwini, kutholakala isidumbu esishisiwe ehlathini elisendaweni namuhla ngeSonto.

Kuthiwa lesi sidumbu besishe ngendlela yokuthi besingabonakali ukuthi ngesowesilisa noma owesifazane.

Ngokusho kwenkampani yonogada ezimele iReaction Unit South Africa, abesilisa abathile bebeyokha umango ehlathini eliseduze ngesikhathi bezithela kulesi idumbu, ngasemgwaqweni Umdloti Beach Road.

Bathi kutholakale nentambo yokudonsa imoto eduze kwesidumbu. Amaphoyisa abengakatholakali ukuphawula ngalesi sigameko.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...