KUSALE imibuzo kumalungu omphakathi waseWaterloo, eThekwini, kutholakala isidumbu esishisiwe ehlathini elisendaweni namuhla ngeSonto.
Kuthiwa lesi sidumbu besishe ngendlela yokuthi besingabonakali ukuthi ngesowesilisa noma owesifazane.
Ngokusho kwenkampani yonogada ezimele iReaction Unit South Africa, abesilisa abathile bebeyokha umango ehlathini eliseduze ngesikhathi bezithela kulesi idumbu, ngasemgwaqweni Umdloti Beach Road.
Bathi kutholakale nentambo yokudonsa imoto eduze kwesidumbu. Amaphoyisa abengakatholakali ukuphawula ngalesi sigameko.