Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bekungakaboshwa muntu ngezidakamizwa ezishaqwe echwebeni laseThekwini

Bekungakaboshwa muntu ngezidakamizwa ezishaqwe echwebeni laseThekwini

by | 7 June 2026

YIZIJUMBANE zeCocain ezitholwe echwebeni laseThekwini.

BEKUNGAKABOSHWA muntu ngokutholakala kwesidakamizwa iCocaine senani elinganiselwa ku-R36 million (90kg) echwebeni laseThekwini izolo ngoMgqibelo. Ngokusho koKlebe, amaphoyisa alunywe indlebe ngalezi zidakamizwa okuthiwa bezifihlwe emishinini yokumba (excavator), efike ngomkhumbi ophuma eBrazil.

“Kuthe uma kuqaqwa umshini, kwatholakala izijumbana eziwu-47 zokuthile okusampushana, obekusolakala ukuthi yiCocaine, zifakwe eduze kwenjini. Kuthe kusasetshenzwa lowo mshini, izisebenzi zasechwebeni zabika ukuthi sezithole ezinye izijumbane komunye. Nakhona kuthe uma kuqaqwa, kwatholakala ezinye eziwu-47,” kusho isitatimende samaphoyisa.

Isitatimende siqhuba sithi kusaphenywa ngalesi sidakamizwa, kanti lezi zijumbana zizoyiswa eLabaratory ziyohlolwa.

Kwenzeka lokhu nje, amehlo athe njo kwiKhomishini yeJaji uMadlanga lapho kuphenywa izikhulu zamaphoyisa ngenkohlakalo, mayelana nokunyamalala kwezidakamizwa ezazishaqwe ngamaphoyisa kulona leli chweba ngo-2021.

Kuvele ukungahanjiswa ngendlela efanele kophenyo lwamaphoyisa kusukela lezi zidakamizwa (ezilinganiselwa ku-R200 million) zitholwa, ziyiswa eSiphingo, ngaphambi kokuyiswa ePortshepstone lapho okuthiwa zebiwa khona.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...