Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-NFP nezinhlelo zokufungisa uBarnes kuchithwa uShinga

I-NFP nezinhlelo zokufungisa uBarnes kuchithwa uShinga

by | 15 September 2026

IQEMBU iNational Freedom Party (NFP) lithi seliqale izinhlelo zokuthi kufungiswe uMengameli walo, uMnu Irvin Barnes ukuba yilungu lesiShayamthetho kwaZulu-Natal emva kokuphuma kwesinqumo senkantolo esichitha uNk Mbali Shinga.

UNobhala weNFP, uMnu Bheki Xaba utshele ILANGA ukuthi ngeke besapholisa maseko njengoba sekuphume isinqumo, futhi bazimisele ngokuthi uBarnes afungiswe kuleli sonto.

Lokhu kuza emva kokuthi iNkantolo eNkulu eMgungundlovu ichithe uShinga ukuthi aqhubeke nokuba yilungu lesiShayamthetho nokuba nguNgqongqoshe woMnyango wokuThuthukiswa kwaBantu esifundazweni. Isinqumo senkantolo siyalele uSomlomo wesiShayamthetho, uNkz Nontembeko Boyce ukuthi akudalule ukuthi sekuvuleke isikhala njengoba uShinga engasavumelekile ukuqhubeka nokuba yilungu lesiShayamthetho.

“NgokweNFP kudala axoshwa uShinga kodwa ubebambelele esinqumweni senkantolo esathi akabuyiselwe okwesikhashana. Leso sikhathi ayesinikwe yinkantolo kudala saphela futhi wayeyalelwe ukuthi afake isicelo sokubuyekeza ukuxoshwa kwakhe kwiNFP, okuyinto ayibalekela iqembu selimbizile. Enkantolo besibopha uSomlomo weSishayamthetho, esamcela ukuthi akasuse uShinga ngoba uxoshiwe kwiNFP kodwa wangakwenza lokho,” kusho uXaba.

Icala lokuchitha uShinga elalifakwe yiNFP enkantolo, belihleli ngoMhlaka 9 kuMandulo (September), njengoba sekuphuma isinqumo manje.

I-NFP yachitha uShinga ekubeni nguSihlalo weqembu kwaZulu-Natal, inxusa nosomlomo ukuthi amgudluze esiShayamthetho njengoba wayethunyelwe yiqembu kulesi sikhundla.

Ingxabano phakathi kukaShinga neNFP yasuswa ukunqaba umyalelo weqembu lakhe ngesikhathi limtshela ukuthi angavoti namalungu kahulumeni wobumbano ngesikhathi kuphakanyiswa ukungabethembi ubuholi bukaNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli ngoZibandlela nyakenye.

tndlovu@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Kulindeleke isinqumo senkantolo ngolwePhala Phala

Kulindeleke isinqumo senkantolo ngolwePhala Phala

KULINDELEKE ukuthi iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ikhiphe isinqumo kusasa (ngoLwesithathu) ngesicelo sikaMengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, ofuna kuchithwe isiphakamiso sesigungu sikaSection 89, esifuna kubhekisiswe indaba yePhala Phala. Lokhu kuza emva kombiko...

Izingxoxo zokubumba uhulumeni, zihlehlise ukuqokwa kwemeya yeTheku

Izingxoxo zokubumba uhulumeni, zihlehlise ukuqokwa kwemeya yeTheku

UKUQHUBEKA kwezingxoxo zokubumba uhulumeni wenhlanganisela yamaqembu kuMasipala weTheku, kuholele ekutheni i-ANC yenze isiphakamiso sokuba ungaqhubeki umhlangano obekufungiswa kuwona amakhansela eDurban Exhibition Centre, namuhla ngoLwesibili, lapho obesekulindeleke...

Ubuyela enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga uMokgotsi

Ubuyela enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga uMokgotsi

UBUYELA enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga ngaphansi kwesifungo usomabhizinisi waseNorth West, uMnu Brown Mokgotsi. UMokgotsi usolwa ngokuqamba amanga ngesikhathi ethula ubufakazi kwikhomishana kaMadlanga. Uzovela namuhla enkantolo yeMantshi yasePitoli...