
BATHUTHUMELE futhi bagcwele usizi ebusweni abantu abahlala ezakhiweni zaseMathinini, kuGwala Road, eLamontville. Imvula enamandla, ishiye kukhalwa kulezi zakhiwo, ngesikhathi ihlasela entathakusa yangoLwesithathu, kwamuka izingane ezintathu zomndeni owodwa, nabesifazane ababili asebekhulile, nengane encane ebibelethwe ngoyedwa wesifazane omukile.
Izidumbu eziyisikhombisa zigugulwe wumfula uMlazi, oseduze neMega City, zaze zatholakala eBrighton Beach, eCutting Beach, nase-Ansteys Beach, ngokwehlukana.
Abantu bakulezi zakhiwo bathi laba abemukile bebezama ukubaleka, kanti amanzi aqhamuka emhosheni oseduzane, abathatha abaphonsela emfuleni uMlazi, obugola izintethe.
UNkk uLulama Dingiswayo (60) odabuka eMount Frere, e-Eastern Cape, izingane zakhe ezimbili, uSinekhanya Dingiswayo (16), uLusenathi Dingiswayo (11) nomzukulu wakhe u-Elethu Dingiswayo (6) bemukile, batholwa sebeshonile.
Abanye abamukile batholwa eBrighton Beach, nguNkk Lucia Ndobongo (60) noNkk uGcabashe odabuka eMatatiela, elingatholakalanga igama lakhe. Ezinye izidumbu ezimbili ezitholakele, sishicilele kungakahlonzwa ukuthi ngezobani.
UNkk Gcabashe, kuthiwa wemuke ebelethe ingane. UNkk uLulama Dingiswayo, ongunina wezingane ezemukile ubehluleka ngisho nokukhuluma ngesikhathi bevashelwe yiLANGA. Ubekhulumela phansi, akhale aze abe nesibibithwane.
“Awu izingane zami bakithi. Intombazane yami endala beseyenza uGrade 11, umfana enza uGrade 6, umzukulu enza uGrade 1. Bengingazi ukuthi sebephumile endlini abebekuyo, ngoba mina ngizame ukuvula umnyango kule ndlu ebengikuyo, asaze savuleka isivalo, amanzi angena ngamandla endlini.
“Ngize ngezwa sekumemeza omakhelwane ukuthi izingane ziyemuka. Siyesaba uma le mvula iphinda ibuya, kuzokwemuka thina sonke. Umasipala akasisuse lapha, esitholele enye indawo,” kukhala uNkk Dingiswayo.
Umyeni wakhe uMnu uMxolisi Dingiswayo, uthi uzamile ukusiza abebekhukhulwa ngamanzi anamandla, kodwa wehluleka. “Ngizamile ukumbamba ugogo uGcabashe, kodwa kwatholakala ukuthi uyashelela, ebelethe nengane, ngehluleka. Wemuke phambi kwami ngibhekile, nazo zontathu izingane zami. Amanzi aqhamuke kulo mhosha, abeza mawala, ubugafunga ukuthi yigagasi lasolwandle. Asiphephile kule ndawo, siyesaba,” esho.
Ubuholi besifundazwe, okungoNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uMnu uSiboniso Duma, iMeya uCyril Xaba neKhansela lakuWard 74 eThekwini, uKhansela uNolubabalo Mthembu, bafikile ezakhiweni ezihlaselwe yizikhukhula izolo emini.
“Akuqali ukuba nenhlekelele enjena kule ndawo. Ngo-2022 zaba khona izikhukhula, abantu bemuka nomfula. Sibe sesibathutha ngoba babakhe eduze komfula, sababeka ‘kolindela’, lapho abemuke khona,” kusho uKhansela uMthembu.
UXaba, uthe bazotholelwa enye indawo yokuhlala abantu ababalelwa ku-276, basezakhiweni zaseMathinini, eLamontville.
Kunethimba elizobheka inhlalo yabantu eMathinini, njengoba kunokwesaba ukuthi imvula uma ubuya futhi ingaphinde idale omunye umonakalo.
“Into eyinkinga ngalezi zikhukhula, ukuthi zibulala ingqalasizinda. Sekufanele siqale phansi manje sakhe kabusha,” kukhala uXaba.
UDuma uthe bazobheka uhlobo lwezinto ezisetshenziswayo uma kwakhelwa abantu “olindela”.







