Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ashaqwe esemsebenzini amaphoyisa asolwa ngokwebiwa kwemfuyo

Ashaqwe esemsebenzini amaphoyisa asolwa ngokwebiwa kwemfuyo

by | 23 July 2025

ASHAQWE esemsebenzini amaphoyisa amabili esiteshini sase-Vryheid, asolwa ngecala lokwebiwa kwemfuyo, okuyinto edla lubi kuleya ndawo.Kubikwa ukuthi la maphoyisa, ashaqwe engazelele, esemsebenzini ngoLwesine ekuseni.

Kuthiwa asolwa ngokubhala izimbuzi ezazebiwe emabhukwini asemaphoyiseni.

Kuthiwa abe esehlela ukuba umuntu othile aqambe amanga, athi ngezakhe izimbuzi ezebiwe ukuze ezofika azilande emaphoyiseni.

Kuthiwa akwenza lokho, zadedelwa izimbuzi okungacaci ukuthi zazingaki.

Kuhambe isikhathi wafika umnikazi wezimbuzi wangempela esiteshini ethi uzozilanda, wafika sezinikwe omunye umuntu.

Kunezinsolo zokuthi akwenza lokhu ngenhloso yokuthi ayozidayisa.

Kuthe ngoLwesine ekuseni engazelele lutho la maphoyisa athintekayo, ashaqwa esemsebenzini.

“Kuthiwa kunesigameko lapho abhalisa khona izimbuzi ezebiwe ndawana thile. Kusolwa ukuthi abe esehlela umuntu owazenza umnikazi wazo ukuthi ayozilanda esiteshini. Abe esezidedelela kuyena, okuthe sekufika umnikazi wazo wangempela, wathola zingasabonwa izimbuzi. Kuyasolakala ukuthi yinto abebevame ukuyena lena.” kusho umthombo.

Ilungu lomphakathi elikhale ngezinga eliphezulu lokwebiwa kwezimbuzi, lithe le nkinga iyakhathaza uma sekuzothinteka namaphoyisa kuyona.

“Siyasola ukuthi kabaqali ukuyenza le nto ngoba sekukaningi abantu belahlekelwa yimfuyo yabo. Uma sekuboshwa amaphoyisa asolwa ngalokhu, kuyacaca ukuthi le nkinga yamasela emfuyo isekude ukuxazululeka. Uma amaphoyisa nawo esezosebenza nezigebengu, kuyacaca ukuthi kusekude phambili,” kusho umthombo. Iphoyisa elingagunyaziwe ukuphawula kwabezindaba, likuqinisekisile ukuboshwa kwala maphoyisa esemsebenzisi
ngezinsolo zokweba imfuyo.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwe-Independent Police Investigative Directorate (IPID), kayiphumelelanga njengoba sishicilelele imibuzo ebithunyelwe ngokuboshwa kwala maphoyisa, ingaphendulwanga.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...