
IGAQELE ikota yesigidi sezivakashi ezilindeleke KwaZulu Natal ngesikhathi samaholidi okuphela konyaka indawo yokuvakasha nokujabula Ushaka Marine World.
Lokhu kuvezwe uNkz Thandeka Magomola owengamele ezokuXhumana kule ndawo ezinze enkabeni yeTheku ngesikhathi uphiko lwezokuvakasha kulesi sifundazwe iKwaZulu Natal Tourism And Film Authority lunohlelo lokwamukela izivakashi e-Ultra City e-Escourt ngoLwesihlanu.
Lolu phiko olusebenza ngaphansi koMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha esifundazweni luzeveze ukuthi izindawo zokuvakasha kulesi sifundazwe sezikulungele ukwamukela ezingaphezulu kwesigidi zakuleli nezingu-34 000 eziqhamuka phesheya kwezilwandle okulindeleke zitheleke kusona ngalesi sikhathi sonyaka.
UNkk Pinky Radebe oyiNhloko yezokuXhumana yeKwaZulu Natal Tourism and Film Authority iTheku seliqalile ukubonakalisa intshisekelo kwizivakashi njengoba izindawo zokulala ezikhakha sezikhombisa ukugcwala ngamaphesenti awu-70 okukhombisa ngokusobala imiphumela emihle.

Uveze ukuthi nakuba iTheku liyingxenye yesifundazwe kodwa okumele abantu bakuqonde wukuthi liyisango lezifundazwe njengoba abanye abantu baqala khona ngaphambi kokuthi badlulele kwezinye izindawo.
Ubalule isikhumulo sezindiza njengabantu abasisebenzisayo uma bengena kulesi sifundazwe kanjalo nemikhumbi yezokuvakasha ephithizelayo ngalesi sikhathi sonyaka.
“Silindele imikhumbi cishe ewu-66 eqhamuka emazweni ahlukene, nezivakashi ezilinganisela ku-110 994 esikhathini esiphakathi kukaLwezi noNtulikazi,” kusho uNkk Radebe.
Uthe nakuba iTheku seliqalile ukubonakalisa izinombolo ezinhle kodwa nezinye izindawo ezifana neNorth Coast, maphakathi nesifundazwe ezintabeni Zokhahlamba nasogwini zikhombisa izibalo ezithembisayo.
Uphinde waveza ukuthi izindawo zokuvakasha komasipala abafana noMkhanyakude, iLembe noGu isinombolo zezivakashi ziyathembisa.

UNkk Radebe uthe isifundazwe sesikulungele ukwamukela izivakashi futhi bazithembisa uhambo nezindawo ezisezingeni lomhlaba. NgoLwesihlanu izindawo ezahlukene okubalwa kuzo iKZN WildLife, KZN Sharks Board ne-Ushaka Marine ngezinye ebezikhona e-Estcourt ukuzoqinisekisa izivakashi ngezigabe ngazo nokuqinisekisa ukuphepha kwazo ezindaweni ezahlukene.
UNkz Mogomola we-Ushaka Marine World utshele ILANGA ukuthi kulesi sigidi nangaphezulu sezivakashi ezilindeleke esifundazweni naseThekwini bangakuthokozela noma ikota yalesi sibalo.
Uthe akakuqondi ukuthi kunomuntu ongavakasha eThekwini kodwa angalubhadi kule ndawo egabe ngokuningi okwahlukene okungathozelwa ngabantu beminyaka eyahlukene.
Uthe banakho konke okungajabulisa abantu okubalwa ukubukela ihlengethwa itshuza, ukudlala nemikhoma noshaka emanzini nokuzidlalela intshununu abade abasuka phezulu beyonyenela emanzini.
Ngaphandle kwalokhu le ndawo igabe nangezindawo zokudlala nezokudlela ezahlukene.
UNkz Magomola uthe ukhethi khethi lwenjabulo kule ndawo.
Uveze nokuthi njengoba kuyikhathi samaholidi nezikhathi zenjabulo abavula nabavala ngazo zengeziwe ukuqinisekisa ukuthi izivakashi zijabula ngokwenele.







