Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kukhalwa ngabazitapela impahla yokwakha isiteshi samaphoyisa

Kukhalwa ngabazitapela impahla yokwakha isiteshi samaphoyisa

by | 5 April 2026

KUGXWEKWA umphakathi ozitapela empahleni yokwakha isiteshi samaphoyisa, obesekuneminyaka kulindwe ukuba sakhiwe eBhamshela, eNdwedwe. Kubikwa ukuthi amalungu omphakathi athole ithuba lokweba le mpahla, njengoba kusamisiwe ukusebenza kule ndawo, ngenxa yezinxushunxushu zokungakhokhelwa kosonkontileka bendawo.

ILANGA selike labika izikhawu eziningana ngenkinga yokungabi sesimeni kwesiteshi samaphoyisa saseNzuze, amaphoyisa akhona asesebenzele emagogogweni iminyaka. Kube sekuqokwa indawo eseBhamshela lapho okuzokwakhiwa khona lesi siteshi, kodwa nakhona kwathatha iminyaka ukuba siqale ukwakhiwa.

Izinxushuxhushu ziqale kuwona lo nyaka, njengoba usonkotileka onikwe lo msebenzi kuthiwa akabakhokhelanga osonkontileka abancane, abasebenza ngaphansi kwakhe, okwenze bashiya phansi ukusebenza. Kuthiwa kuqale lapho ukwebiwa kwempahla yokwakha ebigcinwe emahhovisi akuyona le ndawo okwakhiwa kuyona isiteshi.

ILANGA lihabule ngomthombo walo ukuthi kunabasolwa ababili asebeboshiwe ngokwebiwa kwale mpahla, kodwa bangaphandle ngebheyili. UMnu Khethowakhe Blose ongusihlalo weCommunity Police Forum eNsuze, uthe yize bekuqonda ukukhala kwabantu ngokungakhokhelwa, kodwa bayasigxeka kakhulu isenzo somphakathi sokuzitapela impahla yokwakha.

“Into esisayizwile wukuthi kube khona izinkinga mayela nokukhokhelwa kosonkontileka, kusukela ngoZibandlela (December) wangonyaka odlule, kuze kube manje. Lokho kugcine kuphoqa ukuba bashiye ukusebenza, ngoba kunzima ukuqhubeka nomsebenzi ekubeni ungakhokhelwa ngawo.

“Nenkontileka yonogada ebisebenza khona lapho kwakhiwa khona, ngathi kayikhokhelwe, okwenze ukuba nayo iyeke ukusebenza. Lokhu-ke kube sekuvulela izigebengu (intuba), zaqala zazitapela ezintweni zokwakha. Ngikhuluma nje, uma silungiswa lesi simo, kuzomele kuze ezinye izinto zokwakha ngoba okuningi kwebiwe.

“Siyacela emphakathini ukuba uyeke ukwenza le nto, ngoba izokwenza ukuthi kuthathe isikhathi eside ukuba kuqedwe ukwakhiwa kwesiteshi,” kusho yena.

UMnu Kenneth Maphumulo ongumxhumanisi kulolu hlelo lokwakhiwa kwesiteshi, uveze ukuthi lingaphezulu kuka-R100 000 inani lempahla eyebiwe.

“Kwagcina ngoMasingana (January) ukusetshenzwa. Kuthe ngoNdasa (March) nenkampani yonogada ebisebenza khona yama, ngakho ukungakhokhelwa. Umphakathi ubone ukuthi kabasekho onogada, waqala ukweba impahla. Phakathi kwezinto ezebiwe, ngamathangi amanzi amakhulu, ama-frame ezicabha, yi-worker (okuwumshini wokumbambatha isihlabathi) ngama-generator, izindlu zangasese ezingomahamba-nendlwana, nezinye izinto zokwakha,” kusho yena.

Iphunzile imizamo yokuthola abomnyango weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uSgt Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekile ukuboshwa kwabasolwa ababili ngecala lokweba.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...