Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ayaphela amahlathi ezisebenzini zikahulumeni ‘eziyizipoki’

Ayaphela amahlathi ezisebenzini zikahulumeni ‘eziyizipoki’

by | 13 November 2025

UNGQONGQOSHE wezeMali uMnu Enoch Godongwana, uthi ayaphela amahlathi ezisebenzini zikahulumeni “eziyizipoki”. Uthi uhulumeni uchitha imali eningi, “ngezisebenzi eziyizipoki”, ekubeni kukuningi okufanele kwenziwe eminyangweni kahulumeni.

UGodongwana ubethula isabelomali esibuyekeziwe saphakathi nonyaka, eCape Town, izolo ngoLwesithathu. Umkhakha wezempilo yiwona obhekelelwe kakhulu ngoba kubekwe eceleni u-R2,7 billion wokuqasha odokotela. Besisikhulu isikhalo ebesivela kodokotela abangasebenzi, ekubeni bechithe iminyaka eminingi befunda.

Omunye u-R8,2 billion uzogada ukuthi ezinye izisebenzi ezisezikhungweni nasemkhakheni wezempilo, kazishiyi kuwona.

“Kunemali ewu-R15,8 billion ebekelwe ukulungisa ingqalasizinda. Izikhukhula zidale umonakalo ezifundazweni iKwaZulu-Natal, iMpumalanga nase-Eastern Cape. Kunomasipala abahlulekayo ukuletha izidingo ebantwini, yingakho sibeke imali yokuphucula indlela abasebenza ngayo. Kunohlelo esinalo lokunciphisa izikweletu eminyangweni kahulumeni,” esho.

Uthe izinkampani ezingaphansi kukahulumeni zisaqhubeka nokuba wumthwalo, wathi kuzohlelwa kabusha ukusebenza kwenkampani eyenza izikhali, iDenel. Sincishisiwe isabelomali esibekelwe inkampani ephehla ugesi kuleli, i-Eskom, sisuke ku-R254 billion, sabekwa ku-R230 billion.

UGodongwana uncome iqhaza lesikhungo esiqoqa intela, iSouth African Revenue Services (Sars) ngomsebenzi omuhle eliwenzile. Uthe umkhankaso wabantu abakhuluma kabi ngezwe laseNingizimu Afrika, eMelika, ubenomthelela ongemuhle ngoba lokhu kulethe unswinyo, kwakhinyabeza nokutshalwa kwemali.

Uthe eminyakeni emithathu ezayo, umnotho wakuleli zwe kulindeleke ukuba ukhule ngo-1,8%. UGodongwana uthe izwe selikulungele ukusingatha umbuthano wabaholi bamazwe angaphansi kweG20, ozokuba seGauteng ekupheleni kwenyanga.

Ezisematheni

Isililo kudlula isilomo somculi kamaskandi

Isililo kudlula isilomo somculi kamaskandi

SIKHULU isililo endimeni kamaskandi ngokudlula emhlabeni kwesilomo somculi uScebi "Inkosi Yamagcokama" Dlamini waseMachunwini, eMsinga. Lo mculi ubesengozini yemoto ebusuku phakathi kwamabili Richards Bay eyonandisa kwiBasadi Maskandi Festival, khona eRichards Bay....

Usihlalo we-Action SA eKZN emjahweni wesobumeya eThekwini

Usihlalo we-Action SA eKZN emjahweni wesobumeya eThekwini

USIHLALO we-Action SA kwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango umenyezelwe yiqembu lakhe ukuthi uyena oqokwe ukuthi angenele umjaho wesikhundla sokuba yiMeya yeTheku emcimbini obusehholo lomphakathi KwaMashu namhlanje ngoMgqibelo.UMncwango uqokwe noMnu Halalisani Ndlovu...

Ubedivosa nomyeni uthisha odutshulwe wabulawa yisoka

Ubedivosa nomyeni uthisha odutshulwe wabulawa yisoka

Kubikwa ukuthi ubeseqale izinhlelo zokwehlukanisa umshado wakhe uthisha odutshulwe wabulawa yisoka lakhe elisha, esigamekweni ese- nzeke ngoLwesibili KwaMachi, eHarding. ILANGA lithole ukuthi uMnu Mthobisi Ndlovu (30), oshayela amatekisi, udubule wabulala intombi...