Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ama-2K akukhonzile ukuteketisa abazali ngamagama athe phecelezi

Ama-2K akukhonzile ukuteketisa abazali ngamagama athe phecelezi

by | 9 May 2025

KULE MPELASONTO kugujwa iMothers Day okuwusuku olwenza omama bamamatheke kwazise yisona sikhathi lapho bethola khona uthando oluthe xaxa nezipho, futhi batshelwe nokuthi bayathandwa.

Isizukulwane samanje esaziwa ngelama 2K senza umsebenzi wokuba ngumama ube ngoyinselelo, kwazise sicabanga ngokwehlukile futhi senza izinto ngokwehlukile. Kudala bekwaziwa ukuthi kawuliphimisi igama lomuntu omdala kepha lesi zukulwane siliphimisa ngenkulu inkululeko.

Igenge yama 2K yenza izinto ngendlela yazo, ibiza abazali ngamagama athile, nokho okucacayo wukuthi kusuke kungesiyo indelelo kepha yisikhathi abaphila kuso nendlela abakhululeke ngayo. Phakathi kwamagama abawasebenzisayo kuba yizithakazelo, noma bateketise ngamagama okubalwa kuwo elithi bru, girl, ntombi, ma’oledi, nkosazana, ntombo, mngani namanye. Sixoxisane nabazali abazithola bebizwa ngalawa magama ukuthi kungabe kubaphatha kanjani lokhu.

UNkk Sthabile Dlamini uthi: “Ngicabanga ukuthi sibizana ngendlela eyenza sonke sizizwe sikhululekile uma sixoxa. Ngiyazi ukuthi uma undodakazi ethi ‘girly girly‘ usuke sizixoxela into engatheni. Kodwa ethi Ma usuke edinga ukuba ngimnake. Ukungibiza kwakhe ngo-‘girly girly’ akungenzi ngizizwe ngingahloniphekile kodwa kwenza ngiqonde ukuthi udinga ukunakwa okukanjani ngaleso sikhathi. Laba abancane bangibiza ngo’Mem’ uma kukhona abafisa kudingidwe, kodwa uma befuna ukungitshengisa uthando bangibiza ngelithi ‘Ndlovukazi’,” esho.

UNksz Thandeka Zama uthi amadodakazi akhe ayizingane ezihloniphayo uma emteketisa akumphathi kabi lokho.

“Ngokujwayelekile uma bezixoxela bangibiza ngoGirl, kanti uma kukhona okungidinga njengomzali bathi Ma. Lapho ngisuke sengazi ukuthi badinga ukunakwa noma kukhona abakucelayo. Uma unobudlelwano obukanje nezingane ku nakumzali kwenza kuba lula nokuxoxa nazo nendima yokuba umzali iba lula.”

UNkk Baxolile Zwane uthi: “Izingane zami zingibiza ngoMam’ Zwane noma ngoNtombi/Ntombo kwesinye isikhathi bathi Ma, bayigenge esencane kungenza ngikhululeke uma bengibiza kanje ngoba kusho ukuth bakhululekile kimina. Bayizingane ezihloniphayo, ukungiza kwabo kanje akusho lutho, kodwa kuchaza ngobudlelwano obuhle esinabo,” esho.

UNkk Ntokozo Ndaba uthi izinsizwa zakhe zimbiza ngegama bese kuthi indodakazi ithi Ma. “Angiphatheki kabi ngoba kuchaza ukuthi ubudlelwano bami nabo bukhululekile, singaxoxa noma yini nabo. Ngifuna bangithathe njengosisi wabo omdala okuxoxekayo naye, isikhathi esiphila kusona sidinga umzali avuleleke ikakhulu kulesi sizukulwane sama 2K okunezinselelo ukusikhulisa,” esho.

Ongakuthengela umama:
Kungaba izimbali
Ungamkhipha niyodla isidlo sasemini esasekuseni
Ungamthengela okokufudumala njengoba sekungena ubusika, okungaba i-gown, isikhafu, ijezi, ijacket noma ublanket omncanyana (throw).
Uma engumunu othanda izinto ezinhle zama, iperfume, ubucwebe, amabhodwe amasha noma isikhwama.
Khumbula uma kuza komama kasikho isipho esincane noma esikhulu kepha bajabulela ukukhunjulwa nje kuphela, nokusho ukuthi ungaze ushaywe yibhajethi ngoba ufuna ukwenza okukhulu. Nokumphekela isidlo esimnandi ekhaya, kuzoyithola indawo enhlizweni yakhe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...