Bafuna isinxephezelo sika-R2.5 million ababengofakazi “emahlazweni” aKwaSizabantu

136

SAZI MAJOLA MKHWANAZI

BAFUNA iCommssion for the Promotion and Protection of the Rights of Cultural, Religious and Linguistic Communities (CRL) ibanxephezele ngo-R2.5 million wamademeshe, umuntu ngamunye, ofakazi abawu-7 odabeni lwezinsolo zokunyathelwa kwamalungelo abantu emishini yodumo yaKwaSizabantu, eKranskop, ngokubensiza umsebenzi wenkawu, kungenjalo, lolu daba bazoluphonsa enkantolo. Udaba lwezinsolo ngokunyathelwa kwabantu kule mishini lwaba yindab’ egudwini ngo-2020.

Ngokubika kweNews24, izolo ngoLwesine, ijaji eselathatha umhlalaphansi, uMnu Ebertehard Bertlsmann, lithumele incwadi kusihlalo weCRL, uSolwazi David Mosoma lithi makukhokhelwe amakilayenti alo; okunguMartin Firsche, u-Erika Bornman, uPeet Botha, uCelimpilo Malinga, uKoos Greeff, uDavid Engelbrecht, uChantal Engelbrecht nabanye zingakapheli izinsuku ziwu-30. Le ncwadi ithunyelwe nasehhovisi likasomlomo wephalamende nakunobhala walo, ukubazisa mayelana nezikalo ngoMusoma neCRL.

Lesi sinyathelo sikaBertlsmann namaklayenti akhe, sisukela emuva kokuba kwavela emaphepheni asenkantolo ukuthi iCRL – eyayiphenya eyokunyathelwa kwamalungelo amalungu ale mishini – yatshelwa wuphiko lwayo lwezomthetho ukuthi iyagagamela, lezi zinsolo ezibikwa KwaSizabantu akufanele ngabe ziphenywa yiyona. Isikhuku esiphezulu seCRL, uTshimangadzo Mafadza, sakuvuma lokho – ukuthi bagagamela – encwadini efungelwe eyayiphendula eyafakwa ngofakazi abawu-5 eNkantolo eNkulu yasePretoria, befuna ukuthi umbiko wophenyo lwaKwaSizabantu nezincomo zawo kucutshungulisiswe futhi kungalandelelwa.

Lab’ ofakazi bafaka le ncwadi emuva kokuba iCRL yathola ukuthi izimfundiso, imigomo nemithetho yaKwaSizabantu, akukho lapho kunyathela khona amalungelo ezenkolo, kodwa-ke yaphakamisa ukuba le mishini ixolise kulabo ababengamalungu ayo ngenxa yokuhlukumezeka okwadalwa yimikhuba yayo.

Previous article‘UHULUMENI UYALUSEBENZA UDABA LWAMA-SPAZA ADAYISA UKUDLA OKUNGALUNGILE’
Next articleKUHLEHLISIWE UKUKHISHWA KWESIGWEBO SOWABULALA UMYENI OYIPHOYISA