Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kwethule iqembu lepolitiki elisha eMkhanyakude

Kwethule iqembu lepolitiki elisha eMkhanyakude

by | 29 September 2025

UGXEKE ubudedengu bokungavikelwa komnotho wesiFunda uMkhanyakude “ofudukiselwa kwezinye izindawo” uMnu Sbonelo Mathenjwa, ethula iqembu lakhe ngoMgqibelo eTiger Lodge, eJozini. 

Leli qembu elisha elibizwa ngeJozini Congress, ligunyazwe ukungenela ukhetho eMkhanyakude kuphela. 

UMathenjwa uthe usungule leli qembu ngoba efuna ukuba namandla okubhekana-ngqo nezidingo zomphakathi waseMkhanyakude. Leli qembu ulisungule ngokubambisana nengxenye yamakhansela aseJozini.

Uthe kalikho iqembu lezombusazwe abafuna ukuqeda ngalo. UMathenjwa ungusomabhizinisi obuye abe yikhansela laku-ward 2. Wangenela ukhetho ngokuzimela. 

“Okwamanje akukho muntu osixhasile ngemali yokwenza imisebenzi. Mina imisebenzi yami iyazikhulumela. Leli yiqembu elisungulelwe abantu baseMkhanyakude futhi lisungulelwe ukuxazulula izinkinga ezibhekene nabantu bakulesi sifunda. 

“Kuzwisa ubuhlungu ukuthi uMkhanyakude ucebile ngezokuvakasha nezolimo, kodwa abantu bakhona kabahlomuli lutho. Kufika abantu nakwezinye izindawo bezothatha imali, bahambe nayo,” esho. 

Uqhube wathi bafuna ukuqeda ngokuqashwa ngokwenzelela komasipala nasezikhungweni zikahulumeni.

“Eminyakeni eyedlule bekujutshwa abantu eLuthuli House eGauteng, ukuba bezosebenza lapha eMkhanyakude. Kumanje sibhekene nenye futhi inkinga, abantu baqashwa oLundi maqede bazofakwa komasipala baseMkhanyakude.

“Siyiqembu elisungulelwe ukubhekana nanempi yobugebengu obudla lubi ezindaweni ezahlukene zaseMkhanyakude. Sinethemba lokuthi sizokwenza kancono ngokwemiphumela yokhetho lohulumeni basekhaya oluzobanjwa ngonyaka ozayo,” kuphetha uMathenjwa.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...