Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kwethule iqembu lepolitiki elisha eMkhanyakude

Kwethule iqembu lepolitiki elisha eMkhanyakude

by | 29 September 2025

UGXEKE ubudedengu bokungavikelwa komnotho wesiFunda uMkhanyakude “ofudukiselwa kwezinye izindawo” uMnu Sbonelo Mathenjwa, ethula iqembu lakhe ngoMgqibelo eTiger Lodge, eJozini. 

Leli qembu elisha elibizwa ngeJozini Congress, ligunyazwe ukungenela ukhetho eMkhanyakude kuphela. 

UMathenjwa uthe usungule leli qembu ngoba efuna ukuba namandla okubhekana-ngqo nezidingo zomphakathi waseMkhanyakude. Leli qembu ulisungule ngokubambisana nengxenye yamakhansela aseJozini.

Uthe kalikho iqembu lezombusazwe abafuna ukuqeda ngalo. UMathenjwa ungusomabhizinisi obuye abe yikhansela laku-ward 2. Wangenela ukhetho ngokuzimela. 

“Okwamanje akukho muntu osixhasile ngemali yokwenza imisebenzi. Mina imisebenzi yami iyazikhulumela. Leli yiqembu elisungulelwe abantu baseMkhanyakude futhi lisungulelwe ukuxazulula izinkinga ezibhekene nabantu bakulesi sifunda. 

“Kuzwisa ubuhlungu ukuthi uMkhanyakude ucebile ngezokuvakasha nezolimo, kodwa abantu bakhona kabahlomuli lutho. Kufika abantu nakwezinye izindawo bezothatha imali, bahambe nayo,” esho. 

Uqhube wathi bafuna ukuqeda ngokuqashwa ngokwenzelela komasipala nasezikhungweni zikahulumeni.

“Eminyakeni eyedlule bekujutshwa abantu eLuthuli House eGauteng, ukuba bezosebenza lapha eMkhanyakude. Kumanje sibhekene nenye futhi inkinga, abantu baqashwa oLundi maqede bazofakwa komasipala baseMkhanyakude.

“Siyiqembu elisungulelwe ukubhekana nanempi yobugebengu obudla lubi ezindaweni ezahlukene zaseMkhanyakude. Sinethemba lokuthi sizokwenza kancono ngokwemiphumela yokhetho lohulumeni basekhaya oluzobanjwa ngonyaka ozayo,” kuphetha uMathenjwa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...