LUCKY CAIN
UPHAKAMISE ukuba kubizwe imbizo yamadoda ukulwa nesihlava sokubulawa kwabesifazane esidlangile kulezi zinsuku esifu- ndazweni iGauteng, uMengameli we-IFP uMnu Velenkosini Hlabi- sa, ngesikhathi ethula usomqulu weqembu lakhe ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, izolo ngeSonto.
UHlabisa uqale inkulumo ya- khe ngokuhlonipha laba besifazane isibalo sabo esesifinyelele kwabawu-9, abatholwe bebulewe eKempton Park ngaphansi kukaMasipala waseKurhuleni.
Uthe isiqubulo esithi, “hhayi egameni lami” kasisenele ngendlela lesi sihlava esesidlange ngayo. Ukhuthaze amadoda ukuba alibeke ngembaba elokuthi “sekwanele, kuyaphela manje”.
Uthe ngamadoda okumele asisukumele lesi sihlava ngoba ngamanye awo agila lo mhlola wokuhlukumeza
“Ngamadoda (futhi) okufanele akhulise abafana (abadodise) abaqaphelise ngokubaluleka kokuvikela nokuqonda ukuthi ku- wukwephula umthetho ukuhlukumeza umuntu wesifazane,” kusho uHlabisa.
Uthe labo abatholwa benecala lokuhlukumeza noma ukubulala abantu besifazane, kufanele baje- ze ngokweqile futhi bangayitholi nebheyili.
UHlabisa uthe umphakathi kumele ukwazi ukuphila ngendlela ephephile lapho uzokwazi uku- khululeka khona ngaphandle ko- kudla ujeqeza okwezinyamazane.

NGABESIFAZANE Abebeyingxenye yengqungquthela ye-IFP yokwethulwa kukasomqulu wezethembiso zokhetho.
Uthe sekuyikhathi sokuthi umphakathi uzikhethele amakhansela angeke anyamalale uma kunezinkinga kodwa azokuba khona, abambisane nawo ukuzixazulula. Uqhube wathi lesi yisikhathi sokukhetha amakhansela azoqhamuka nezimpendulo zokusiza umphakathi.
“Umphakathi waseNingizimu Afrika kawufuni izidingo ezingaphezulu kokwenza kodwa ufuna izidingo ezijwayelekile okungamele ngabe uhlangabezana nezi- nkinga ukuzithola.
“Amanzi ahlale ekhona, kakusona isidingo okumele sibe yinkinga ukuthi sitholakale, ugesi kufanele uhlale ukhanya, amathuba emisebenzi nokuqoqwa kwemfucuza ngezinye zezidingo abantu oku- ngamele baziswele,” esho.
Uthi abantu kumele babekwe phambili ngaso sonke isikhathi. Uthi uhulumeni wasekhaya uyi- khaya lentuthuko, ngakho kumele uhambe phambili ukwakha uzinzo, futhi wenze kube lula ukuheha abatshali bemali ukuze umnotho uthuthuke.
UHlabisa uthe iqe- mbu lakhe lizoqhube- ka nokulwa nenkohla- kalo ukuqinisekisa ukuthi imali yabakho- khi bentela isetshe- nziswa ukubhekelela izidingo zabo.
Ugqugquzele eyokuthuthukiswa ko- mnotho wasemakhaya nasemalokishini
Ube esenxusa abalandeli beqembu la- khe ukuba baphume ngobuningi ukuyovota ngomhla ka-4 kuLwezi (November) nonyaka.
lucky.cain@ilanganews.co.za







