Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ukuhlabana ngewadi kubuyise umfutho kwi-IFP

Ukuhlabana ngewadi kubuyise umfutho kwi-IFP

by | 15 February 2026

BAKUFANISA nokumbuleka kwekhasi elisha ukunqoba ku-Ward 13, abeqembu le-IFP, njengoba bekubona kuzobasiza kakhulu okhethweni lohulumeni basekhaya okulindeleke ukuba lube sekupheleni konyaka.

ILANGA likhuluma noMnu Sfundo Ngwane
oyiDistrict Chairman kuleya ndawo, uncome indlela abantu abakhombise ngayo ukubeseka.

“Siyathobeka ngokwethenjwa esikutholile. Ukunqoba kuzokwenza ukuthi siye okhethweni sihambela phezulu. Sithembisa ukuthi sizokwenza konke okusemandleni ukunikeza abantu bakuleyandawo izidingo ezibafanele.

UMasipala waseMzumbe le wadi engaphansi kwawo uphethwe ngokubambisana, yi-IFP ne-ANC.

UMnu Mkhuleko Hlengwa ongumkhulumeli waleli qembu (IFP), uthi bakubheke kakhulu ukusiza abantu baku-Ward 13.

“Ukunqoba kusho lukhulu eqenjini njengoba izibalo zikhombisa ukwenza kahle kusukela ngo-2024. Sibheke ukwenza kahle nakwezinye izindawo ezinjengasebaQulusini naKwaNongoma.”esho.

Kwenzeka lokhu nje, ikhansela ekade liphethe
ku-Ward 13, uMnu Siyabonga Ndoncabe, washiya leli qembu wajoyina iMK Party okuyikhona okwenze i-IFP yathembela kuShozi ukuba asebenze
kule-ward.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...