Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ukuhlabana ngewadi kubuyise umfutho kwi-IFP

Ukuhlabana ngewadi kubuyise umfutho kwi-IFP

by | 15 February 2026

BAKUFANISA nokumbuleka kwekhasi elisha ukunqoba ku-Ward 13, abeqembu le-IFP, njengoba bekubona kuzobasiza kakhulu okhethweni lohulumeni basekhaya okulindeleke ukuba lube sekupheleni konyaka.

ILANGA likhuluma noMnu Sfundo Ngwane
oyiDistrict Chairman kuleya ndawo, uncome indlela abantu abakhombise ngayo ukubeseka.

“Siyathobeka ngokwethenjwa esikutholile. Ukunqoba kuzokwenza ukuthi siye okhethweni sihambela phezulu. Sithembisa ukuthi sizokwenza konke okusemandleni ukunikeza abantu bakuleyandawo izidingo ezibafanele.

UMasipala waseMzumbe le wadi engaphansi kwawo uphethwe ngokubambisana, yi-IFP ne-ANC.

UMnu Mkhuleko Hlengwa ongumkhulumeli waleli qembu (IFP), uthi bakubheke kakhulu ukusiza abantu baku-Ward 13.

“Ukunqoba kusho lukhulu eqenjini njengoba izibalo zikhombisa ukwenza kahle kusukela ngo-2024. Sibheke ukwenza kahle nakwezinye izindawo ezinjengasebaQulusini naKwaNongoma.”esho.

Kwenzeka lokhu nje, ikhansela ekade liphethe
ku-Ward 13, uMnu Siyabonga Ndoncabe, washiya leli qembu wajoyina iMK Party okuyikhona okwenze i-IFP yathembela kuShozi ukuba asebenze
kule-ward.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...