
ABADAYISA emgaqweni eMgungundlovu, bathole ithuba lokuzikhalela kuSihlalo we-IFP, uMnu Thamsanqa Ntuli ngezinkinga ababhekene nazo zokuswela izindawo zokudayisa nokuvinjwa ngabokufika eNingizimu Afrika abathi sebethathe zonke izindawo kuleli dolobha.
Lokhu bakuveze ngesikhathi uNtuli ejikeleza izindawo ezahlukene edolobheni uMgungundlovu enxenxa abantu ukuthi bavotele i-IFP okhethweni loHulumeni baseKhaya oluzoba ngomhlaka 4 kuLwezi (November) nonyaka.
UNtuli ubelalela zonke izikhalo zabantu ebathembisa ukuthi uma benika i-IFP ithuba izoyiguqula impilo yabo. Abantu baveze kuNtuli ukuthi sebeyasaba ngoba isikhathi esiningi abantu okumele babasize bayagwazelwa.
“Siyathembisa ukuthi sizobuya sense isiqiniseko ukuthi yonke into ihamba kahle. Thina asigwazelwa. Noma umuntu angafika nemali engakanani asiyithathi ngoba sikhathalele ukusiza bantu bakithi,” esho.
UNtuli uqale emakethe erenke enkulu yaseMgungundlovu lapho abesabalalisa khona izikibha ze-IFP nomqulo wezethembiso zokhetho oluzayo kosomatekisi nakubantu abebezogibela amatekisi.
Ezinye izinkinga abazivezile abantu ukuswela amanzi ezindaweni abaqhamuka kuzona. UNtuli wenze isiqiniseko kubantu ukuthi amanzi bazoba nawo.
“Uma nizobheka komasipala abaphethwe yi-IFP azikho lezi zinkinga enikhuluma ngazo. Senza isiqiniseko ukuthi konke kuhamba kahle. Siyabahambela ukuqinisekisa ukuthi konke kusahanjiswa kahle nokuyinto esizoqiniseka ukuthi siyaqhubeka nokuyenza,” kusho uNtuli.







