
UMENGAMELI uCyril Ramaphosa unxuse amalungu omphakathi ukubamba iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi bayatholakala, futhi bayajeza abantu ababulala amaphoyisa, ngoba asebenzela izakhamizi.
Umengameli ukusho lokhu ethula inkulumo yosuku emcimbini waminyaka yonke, wokubungaza amaphoyisa alahlekelwe yimpilo yawo esemsebenzini, obusezindlini zombuso ePitoli izolo ngeSonto. Kuhlonishwe amaphoyisa awu-12, abulawe esemsebenzini wawo wokuvikela izwe, kusukela ngomhla ka-1 kuMbasA (April) wonyaka odlule, kuya kumhla ka-31 kuNdasa (March) walo nyaka.
“Uma izigilamkhuba zihlasela iphoyisa, zisuke zihlasela umbuso uqobo, kanjalo nentando yeningi. Kazihlaseli nje lelo phoyisa kuphela, kodwa zihlasela wonke umuntu waseNingizimu Afrika,” kusho uRamaphosa.
Emaphoyiseni abebungazwa, awu-9 ngaseGauteng, kanti amathathu ngawaKwaZulu-Natal, eNorth West naseMpumalanga ngokwehlukana. Elincane kunawo wonke kubikwa ukuthi belineminyaka ewu-25, ngesikhathi libulawa.
URamaphosa unxuse ukubambisana phakathi komphakathi, yizinhlaka zikahulumeni namaphoyisa, ukuqinisekisa ukuphe-pha kwabo bonke abantu ezweni.
Ekhuluma kulo mcimbi, uNgqongqoshe wamaPhoyisa obambile, uMnu Firoz Cachalia ufunde amagama nezikhundla zamaphoyisa abulewe, watshela imindeni yawo ukuthi kumele iziqhenye ngawo, ngoba anikele ngempilo yawo ukuphephisa imiphefumulo yezigidi zezakhamizi.
Izikhulu zikahulumeni nezombutho wamaphoyisa, zibeke izimbali (wreath) ukuhlonipha la maqhawe namaqhawekazi, amagama awo engezwe ohlwini lwesikhumbuzo (memorial), samaphoyisa esingaphandle kwezindlu zombuso.







