Ilanga News
Home 9 Featured 9 Banamanye abasolwa ngokubulala owesifazane ekwakhe

Banamanye abasolwa ngokubulala owesifazane ekwakhe

by | 29 October 2025


UBESANDA kudedelwa ejele omunye wabasolwa ngokubulala owesifazane waseMthwalume, isidumbu sakhe esitholwe sidindilizile emzini wakhe. Kubikwa ukuthi amaphoyisa abophe abasolwa ababili, oneminyaka ewu-24 ubudala nonewu-36, ngecala lokubulala uNkk Khanyisile Ngwane (64).

Isigameko sokubulawa kukaNkk Ngwane senzeke ngomhla ka-14 kuyona le nyanga endaweni yaseNhlabamkhosi, eMthwalume. Kubikwa ukuthi isidumbu sakhe satholwa silele edanyini legazi emzini wakhe, kwabe sekwebiwa nempahla phakathi okubalwa kuyona umabonakude nomakhalekhukhwini.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, umufi ubehlala yedwa emzini wakhe. omakhelwane basola ukuthi kukhona okushaya amanzi uma bebona kukhala ibhungezi kuwo, kodwa ifasitela livuliwe. Kuthiwa kuthe ekuhambeni kwesikhathi, bayobheka okuyilapho abazithela khona phezu kwesidumbu sakhe.

ILANGA lihabule ngomthombo walo okuleya ndawo ukuthi umabonakude utholwe usudayiswe kwesinye isitolo nomakhalekhukhwini. Uthi abasolwa bavele bangabantu abawuhlupho emphakathini, njengoba omunye wabo esanda kuphuma ejele ngecala elicishe lifane naleli asolwa ngalo.

“Ngosuku lwesigameko, omakhelwane babona kuvulwe ifasitela emzini kaNkk Ngwane kwaze kwashona ilanga yena engabonakali, babe sebesola ukuthi kukhona oku-ngahambi kahle, bayombheka. Kungaleso sikhathi abamthola ebulewe, babe sebeshayela amaphoyisa ucingo.

“Isimo atholakala ekusona, kunezinsolo zokuthi baqale bamdlwengula ngaphambi kokumbulala. Laba bafana ababili ababoshiwe, bese bewudayisile umabonakude kwesi-nye isitolo sabokufika. Nabo batholwe behlezi kusona lesi sitolo, oyedwa waboshwa khona lapho, lona omunye wakwazi ukudlubulundela wabaleka.

“Amaphoyisa abuye ntambama amthola esekubo, zamkhalela. Into ebuhlungu wukuthi laba bafana bajwayele ukuhlupha, lona obanjwe kubo, kunelinye icala asolakala kulona lokubulawa kwekhehla. Njengoba sebethinteka kulesi sigameko nje, kusho nukuthi yinto abayijwayele lena yokungenela abantu ezindlini,” kusho umthombo.

Esitatimendeni samaphoyisa, athe abasolwa baboshwe ngoLwesine. Bekulindeleke ukuba bavele enkantolo yeMantshi yaseMzumbe ngecala lokubulala nelokutholakala nempahla okungeyona eyabo.

skhom@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...