Ilanga News
Home 9 Featured 9 Izingxoxo zokubumba uhulumeni, zihlehlise ukuqokwa kwemeya yeTheku

Izingxoxo zokubumba uhulumeni, zihlehlise ukuqokwa kwemeya yeTheku

by | 24 November 2026

LUCKY CAIN

UKUQHUBEKA kwezingxoxo zokubumba uhulumeni wenhlanganisela yamaqembu kuMasipala weTheku, kuholele ekutheni i-ANC yenze isiphakamiso sokuba ungaqhubeki umhlangano obekufungiswa kuwona amakhansela eDurban Exhibition Centre, namuhla ngoLwesibili, lapho obesekulindeleke ukuba kuvotelwe khona imeya, iphini layo nosomlomo.

Emuva kokufungiswa kwamakhansela, uMnu Thabani Nyawose (osesithombeni) oyikhansela le-ANC, uphakamise ukuba lo mhlangano uhlehliswe ukuze izingxoxo zamaqembu eziqhubekayo, ziphothulwe.

Amakhansela agcine evota ukweseka lesi phakamiso, kanti phakathi kwamaqembu asesekile, yiMK Party, yiDA, yi-IFP, yi-ActionSA, ne-EFF. Sesekwe ngamakhansela awu-213, sachithwa ngawu-4, elilodwa laqoma ukungavoti. Umhlangano ugcine uhlehliselwe usuku olungaziwa.

Kuhlela lo mhlangano nje, nakuMasipala waseJohannesburg kwenzeke okufanayo izolo ngoMsombuluko.

Ezisematheni

Ubuyela enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga uMokgotsi

Ubuyela enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga uMokgotsi

UBUYELA enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga ngaphansi kwesifungo usomabhizinisi waseNorth West, uMnu Brown Mokgotsi. UMokgotsi usolwa ngokuqamba amanga ngesikhathi ethula ubufakazi kwikhomishana kaMadlanga. Uzovela namuhla enkantolo yeMantshi yasePitoli...

I-DA iphonsa ithawula ngomasipala abakhulu eGauteng

I-DA iphonsa ithawula ngomasipala abakhulu eGauteng

I-DEMOCRATIC Alliance ithi ikulungele ukuba yiqembu eliphikisayo komasipala engatholanga kubona amavoti enele ukuphatha ngokuzimela okhethweni lohulumeni basekhaya, obelusekuqaleni kwale nyanga. Lokhu kushiwo nguNkk Hellen Zille (osesithombeni), iDA ebifolosa ngaye...

Amatomu asekwi-ANC ngobuholi bukaMasipala weTheku

Amatomu asekwi-ANC ngobuholi bukaMasipala weTheku

SELIDUMELA emasumpeni ngezingxoxo zokwakha uhulumeni wenhlanganisela eThekwini. Kusasa ngoLwesibili kuzobe kufungiswa amakhansela awu-223, azoba yingxenye yalo mkhandlu, bese kuqokwa izikhulu zawo okuyimeya, yiphini lemeya nosomlomo. Kusukela kuqale izingxoxo...