Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umphakathi ushaye wabulala obesolwa ngokugwaza ugogo wakhe

Umphakathi ushaye wabulala obesolwa ngokugwaza ugogo wakhe

by | 7 April 2025

UMPHAKATHI waseMountview eVerulam uzithathele umthetho ngezandla ngokushaya kanzima waze washona owesilisa (24) okuvela ukuthi ugwaze ugogo wakhe emqaleni efuna imali yokuthenga izidakamizwa.

Ngokusho kwankampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) babizwe ngeSonto ntambama ngesigameko sowesilisa ogwaze ugogo wakhe emqaleni.

Ngesikhathi befika onogada kabazange besamfica umsolwa njengoba begcine ngokuxilonga ugogo ngaphambi kokuthi aphuthunyiswe esibhedlela.

Kubikwa ukuthi ngoMsombuluko ekuseni umphakathi ugcine ngokuzibambela lo msolwa babe sebembopha izandla nezinyawo.

Kuvela ukuthi umphakathi ube usizithathela umthetho ngezandla ngokutalabha kanzima lo msolwa waze washonela khona endaweni yesigameko.

I-RUSA iveza ukuthi ibizwe ngoMsombuluko ekuseni ngalesi sigameko njengoba betshelwe ukuthi amalungu omphakathi asezibambele ngokwawo umsolwa.

Ngesikhathi onogada bale nkampani befika bese kumenele lo mlisa. Kubikwa ukuthi lo mlisa ubenomlando wokumhlukumeza ugogo wakhe.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...