Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umphakathi ushaye wabulala obesolwa ngokugwaza ugogo wakhe

Umphakathi ushaye wabulala obesolwa ngokugwaza ugogo wakhe

by | 7 April 2025

UMPHAKATHI waseMountview eVerulam uzithathele umthetho ngezandla ngokushaya kanzima waze washona owesilisa (24) okuvela ukuthi ugwaze ugogo wakhe emqaleni efuna imali yokuthenga izidakamizwa.

Ngokusho kwankampani yonogada iReaction Unit South Africa (RUSA) babizwe ngeSonto ntambama ngesigameko sowesilisa ogwaze ugogo wakhe emqaleni.

Ngesikhathi befika onogada kabazange besamfica umsolwa njengoba begcine ngokuxilonga ugogo ngaphambi kokuthi aphuthunyiswe esibhedlela.

Kubikwa ukuthi ngoMsombuluko ekuseni umphakathi ugcine ngokuzibambela lo msolwa babe sebembopha izandla nezinyawo.

Kuvela ukuthi umphakathi ube usizithathela umthetho ngezandla ngokutalabha kanzima lo msolwa waze washonela khona endaweni yesigameko.

I-RUSA iveza ukuthi ibizwe ngoMsombuluko ekuseni ngalesi sigameko njengoba betshelwe ukuthi amalungu omphakathi asezibambele ngokwawo umsolwa.

Ngesikhathi onogada bale nkampani befika bese kumenele lo mlisa. Kubikwa ukuthi lo mlisa ubenomlando wokumhlukumeza ugogo wakhe.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...