Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Unyamalale esabise ngokuzibulala owesilisa (36)

Unyamalale esabise ngokuzibulala owesilisa (36)

by | 19 April 2026

UMNU Mduduzi Ngwane onyamalale esabisa ngokuzibulala kuthiwa ubenezinkinga emsebenzini

KUDUMA ikhanda kowesifazane waseMpumalanga, e-Unit 4, eHammarsdale ngokunyamalala kukayise wezingane zakhe ophume ekhaya esabise ngokuthi uzozibulala. UNkz Fezile Shange (34), uthi uyise wezingane zakhe uMnu Mduduzi ‘Skara’ Ngwane (36), uphume ekhaya ngemuva kwengaxabano ababe nayo ngeledlule.


“Nginesilonda sokuthi uhambe sixabene, okubi kakhulu angazi nokuthi izingane zakhe ngizozichazela ngithi uyise wagcina kuphi njengoba singenawo umkhondo,” kuchaza yena ngosizi.
Uthi ngoMgqibelo babekade bezule ndawonye beye eWyebank emcimbini, balala kungekho kuxabana. Uthi ngakusasa ekuseni babanga ukuthi uphuza ugologo kanti bekumele ngosuku olulandelayo aye kwi-interview.
“Besinezinkinga othandweni lwethu kodwa besizama ukuzilungisa. Enye yezinto ebimphatha kabi izinkinga abebhekene nazo emsebenzini. Ubelokhu ethatha amaphilisi enze engathi uyawaphuza kodwa ngingamnaki ngoba ngibonile ukuthi akawaphuzi,” esho.


“Esithubeni uvele washaya imoto wacishe wayishayisa emqashweni wakamakhelwane, samphuca ukhiye. Ubesho izinto eziningi athi ukhathele wukuphila, ufuna ukuzibulala ayohlala nomama nobaba wakhe. Uthe esuka wadlubulundela wanginika ucingo lwakhe nokhiye wemoto wathi angibheke izingane zakhe, kube wukumgcina kwethu lokho. Bekungathi kukhona into emkurufayo ekhanda ngendlela abeziphethe ngayo,” kuchaza unina wezingane zakhe ezimbili.
Uthi ngaphambi kwalesi sigameko ngempelasonto yePhasika, uMnu Ngwane uke wazama futhi ukuzibulala, wavinjwa womakhelwane eya ngaseweni ethi uyozibulala.


“Egcina ukubonakala, ubeya ngakhona eweni. NgoMgqibelo kufike inkampani yabezotakulo nezinja ezihogela umkhondo zafunisela la egcine khona ngaseweni. Abaqwala izintaba bazamile ukwehla kodwa kwangabonakala lutho kepha bekukhona amagatsha ezihlahla aphukile. Nakuba kunjalo bathi kufanele engabe kukhona iphunga makubalwa izinsuku asezihambile,” kuchaza yena. Leli liwa lichazwa njengelibi kule ndawo futhi abanye bomphakathi abaziphosa kulona. Omunye wabangani baMnu Ngwane uthi ubengumuntu obukeka enengcindezi enkulu, kepha ebinganakiwe. “Ngicabanga ukuthi i-depression yakhe ibisesimweni esibi, kungukuthi phela ayihlonziwe, kodwa izizmpawu bezikhona,” kuchaza umngani ongathandanga ukudalulwa.

Umndeni ucela ongaba nolwazi axhumane nawo ku 078 768 1227

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...