Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Bazogoduka bebomvu yimali osomahlaya abasafufusa emcimbini kasomahlaya

Bazogoduka bebomvu yimali osomahlaya abasafufusa emcimbini kasomahlaya

by | 7 August 2026

BAZOGODUKA bebomvu yimali osomahlaya abasafufusa emcimbini wamahlaya, iKZN Comedy Festival One Night of Laughs with Nonto R, ozoba seThe Playhouse, eThekwini mhla ka-14 kule nyanga.

Lo mcimbi -ohlelwe ngusomahlaya, uNonto R, okungowokuqala ukwenzeka KwaZulu-Natal – uzokwandulelwa wumncintiswano wosomahlaya abasafufusa.

Ngokusho kukaNonto, kuzohlomula abathathu abaphume phambili. Owesithathu uzothola u-R5 000, owesibili wu-R7 500 kuthi ingqwele igoduke no-R10 000.

Lo mcimbi ngowokuqala ukuba khona eKZN.

“Ozophuma phambili sizohamba naye emicimbini eyahlukene, ukuze ancele ulwazi futhi akhule ngokubukela komakadebona kwezamahlaya,” kusho uNonto R.

Uzokube ehambisana nozakwabo, kulo mkhakha; okukhona kubona uNdlebe, uFelix Hlophe, uCeleste Ntuli, uTsitsi Chiumya, uMondli Mzizi noMakaThangithini.

Uthi kuningi abazohlekisa ngakho kulo mcimbi; okubalwa iMarch and March, ezepolitiki, izinkinga ezikhungethe izwe, nezothando.

“Kuzoba mnandi kakhulu, sizoba nesikhathi esimnandi sokwehlisa ingcindezi, sihleke nje ngezinto esibhekene nazo,” esho.

Ukhuthaze abesifazane abasemkhakheni wamahlaya ukuba bangazibukeli phansi.

Uthe njengoba kuyinyanga yabo (u-August), kumele bakhumbule ukuthi akukho okungenziwa ngabesilisa esiteji, kwehlule abesifazane.

“Le nto yamahlaya kayifuni ukuthi uyithathe ngobulili, idinga ukuzethemba. Amahlaya kawayi ngamandla omzimba noma indlela obukeka ngayo, kodwa afuna umuntu ocabangayo.

“Lo mcabango wokuzidabukela ukuthi ungowesifazane phakathi kwabesilisa, kawusebenzi, ugcina ukuvimba ekuphumeleni kokwenzayo,” esho.

Amathikithi abiza phakathi kuka-R250 no-R350.
Add Note

Ezisematheni

Ukunqoba kwezokuchibiyela kumnika ugqozi uNtuli

Ukunqoba kwezokuchibiyela kumnika ugqozi uNtuli

UKUNQOBA ezinkethweni zokuchibiyela kuMasipala waseThekwini nowaseMuziwabantu kunika ugqozi uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli (osesithombeni), ongundunankulu wesifundazwe. UNtuli ekhuluma nabezindaba izolo ngeSonto emcimbini wokwethulwa kukasomqulu...

Kunxuswe amadoda ukulwa nokubulawa kwabesifazane

Kunxuswe amadoda ukulwa nokubulawa kwabesifazane

NGABESIFAZANE Abebeyingxenye yengqungquthela ye-IFP yokwethulwa kukasomqulu wezethembiso zokhetho. UPHAKAMISE ukuba kubizwe imbizo yamadoda ukulwa nesihlava sokubulawa kwabesifazane esidlangile kulezi zinsuku esifundazweni iGauteng, uMengameli we-IFP uMnu Velenkosini...

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

INHLANGANO eqhuba umkhankaso wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha, iMarch and March imemezele ukhukhulela ngoqo wemashi yamadoda ukulwa nokuhlukunyezwa nokubulawa  kwabesifazane ezoba ngomhlaka 30 kuMandulo (September). USihlalo obambile weSA...