
ISIKHULU sokhetho kwaZulu-Natal, uNkk Ntombifuthi Masinga sithi ukuhamba kancane kokubalwa kwamavoti kwezinye izindawo kudalwa ukuthi abanye omasipala bakhulu kunomsebenzi omningi wokubala kubona. Emkhandlweni weTheku uthe babanjezelwe yikhona ukuthi likhulu kanti kwezinye izindawo kudingeke ukuthi kuphinde kubalwe kabusha. Kushaye izikhathi zasemini ukubala kusami ku-64 % kulona. UMsunduzi nawo uthe ube nenkinga efanayo neTheku njengoba abagadele amaqembu abo benqabile ukusayina amavoti esebaliwe. Ukubala khona kushaye imini kuseku-40%.
“Inkinga bekungeyona eyokuthi kukhona okungahambi kahle ngamavoti kodwa bekukhona abangavumelani ngakho. Kuze kwaphoqeleka ukuthi amavoti azobalwa sekukhona ubuholi bamaqembu abo eselethwe kwa-IEC. Bekuphoqa ukuthi sibubize ubuholi ngoba abagadele amaqembu bebengekho la bekubalelwa khona,” esho.
EMsinga uthe baphazanyiswe yisimo sezulu esingabanga sihle kwagcina kuhambe ugesi kwase kuma ukubala kwaqhubeka namhlanje. Kushaye imini ukubala sekuku-70% khona. Kumasipala Abaqulusi uthe khona ukubala bekuhamba kancane ngenxa yokuthi imishini ibidonsa kancane kungasebenzeki nokwenze abasebenzi bagcina sebekhathele kwaphoqa ukuthi baphunyuzwe. Ukubala khona kushaye imini sekuku-63%. Olundi nakhona uthe kube yinkinga efanayo neyakuBaqulusini kwaphoqeleka ukuthi abasebenzi baphunyuzwe Ukubala khona kuku-64%. Endwedwe uthe khona kuhambe ugesi kwaphoqeleka ukuthi kushintshwe indawo njengoba kugcine sekuyiwa kwaDukuza Library kwaqhutshekelwa khona. Ukubala khona bekuku-59% emini. E-Alfred Duma nakhona kuhluphe kona ukudonsa kwemishini nokukhathaze abasebenzi kwagcina kuphoqa ukuthi baphunyuzwe. Ukubala khona kuku-49%. Kumasipala Inkosi Langalibalele nakhona kuhluleke imishini ngenxa yokungadonsi kahle kodwa ukubala khona kuku-67%.
tndlovu@ilanganews.co.za






