
IBALELWA kwengama- 35 , imijondolo eshe yangqongqa entathakusa yangoLwesihlanu, eReservoir Hills, eThekwini. Abesikhungo sezinhlekelele ,iThekwini Fire Fighters, bathi bangu 60, abantu abatakuliwe abahlala kule mijondolo, abanye abebelimele kakhulu, ngenxa yokusha, baphuthunyiswe ezibhedlela.
UMnu Sifiso Mtshali, okhulumela lesi sikhungo , uthi bavuswe, izingcingo, esikhungweni sabo, kuthiwa umlilo osemijondolo emgwaqeni u- M19, awusalawuleki.
“Ekufikenii kwethu entathakusa ,sithole ukuthi bese kunesikhashana umlilo uthungelekile, kodwa ngenxa yokuthi bekunomoya, futhi kusebusika , umlilo, ubuhlasela ngamandla. Ikhansela lendawo, nezisebenzi zikaMasipala weTheku, ngaphansi kophiko lwezinhlekelele, basasiza izisulu zomlilo, nabanye abahlala endaweni,ukubheka abantu abahlala kulemijondolo, abangakatholakali. Sekune sikhathi eside abantu abahlala kule mijondolo yase Reservoir Hills nase Quarry Heights, bexwayiswa ngobungozi bomlilo ,njengoba zingapheli izinyanga eziyi-4, kungabanga khona imililo yequbule kuleziya zindawo, kusho uMnu Mtshali.
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, KwaZulu-Natal, uMnu Siboniso Duma, nethimba lo mnyango wakhe, kulindeleke ukuba bavakashele, eReservoir Hills, ngesonto elizayo.
Abantu abashelwe yizimpahla ngesikhathi kuqubuka lomlilo abasindile, basakhoseliswe emahholo ngosizo lwabe Gift of the Givers.
UNgqongqoshe uDuma neMeya yeTheku, uMnu Cyril Xaba, basanda kwethula izindlu zomxhaso eziyi 100, kubantu abakhahlanyezwa yizikhulula ngo 2022. Izindlu bakhelwe zona eCornubia, ngaseMhlanga.







