Ilanga News
Home 9 Featured 9 Buqale ngegiya eliphansi ubufakazi bukaMchunu ePhalamende

Buqale ngegiya eliphansi ubufakazi bukaMchunu ePhalamende

by | 16 October 2025

AMAQEMBU ayingxenye yekomidi lasePhalamende eliphenya ngokugxambukela kwepolitiki emaphoyiseni i-Ad Hoc Committee aveze ukuthi luselude ukhalo njengoba ngoLwesine uMnu Senzo Mchunu onguNgqongqoshe wamaPhoyisa bekungokokuqala ethula ubufakazi phambi kwalo.

UMchunu ungomunye wofakazi abaqavile kuleli komidi njengoba ethinteka ngqo ezinsolweni ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa aKwaZulu Natal uLt Gen Nhlanhla Mkhwanazi.

Ubufakazi bukaMchunu buqale ngegiya eliphansi njengoba ebechaza ngemigudu nemithetho efanele uma kusungulwa ithimba lesikhashana lanoma iluphi uhlobo.

UMchunu uphinde waphawula ngendima edlalwa ngosopolitiki kula mathimba ikakhulukazi uma ehlanganisa isigungu songqongqoshe noma ukusungulwa kwawo kuthinta osopolitiki.

Ukuvezile ukuthi uMengameli unalo ilungelo lokuphakamisa ukusungulwa kwethimba lesikhashana bese ehlanganisa ongqongqoshe abazoba ingxenye yalelo thimba ngaphambi kokuthi kuze kuklapakele kwizisebenzi okuyizona ezizokwenza okufanele.

Amalungu aleli komidi azwakalise ukuthi liselude ukhalo ngobufakazi bukaMchunu njengoba usuku luselude futhi nawo esazothola ithuba lokuthi ampheke ngemibuzo.

UMnu Albert Mncwango we-IFP uthe okwamanje akukho okutheni uMchunu asakuvezile kulei komidi. “Asithembe ukuthi ngokuhamba kwesikhathi kukhona azoqhamuka nakho. Kodwa okwamanje akukho okuphathekayo ngobufakazi bakhe,” kusho yena.

UMnu Sibonelo Nomvalo weMK Party usole ummeli ohola uMchunu ngemibuzo ngokuqala ngegiya eliphansi.

Uthe lo mmeli uMnu Tryone Arendse ushaya ngonyawo lonwabu nokwenza kuse kushaye isikhathi sekhefu kungakabikhona uMchunu akuvezayo ngobufakazi bakhe.

“Akesilinde vele nathi njengamalungu sisazolithola ithuba lokuthi simpheke ngemibuzo koda okwamanke kusahamba kancane,” kusho yena.

Ubufakazi buyaqhubeka.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...