Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amaqembu eGNU abone inhlansi yethemba kwisabelomali sikaGodongwana

Amaqembu eGNU abone inhlansi yethemba kwisabelomali sikaGodongwana

by | 14 November 2025

ABONE inhlansi yethemba amaqembu abumbe uhulumeni wenhlanganisela eNingizimu Afrika (GNU), kwathi aphikisayo azwakalisa ukukhathazeka ngesabelomali saphakathi nonyaka esibuyekeziwe, esethulwe nguNgqongqoshe wezeMali uMnu Enoch Godongwana izolo ngoLwesithathu ePhalamende.

La maqembu angaphansi kweGNU okubalwa kuwona, iDA, i-IFP ne-UDM, akhombise ukuseseka lesi sabelomali ebesibhekwe ngabomvu. UMnu John Steenhuisen weDA, uthe ngenxa yesimo ungqongqoshe abebhekene naso, usebenzise lokhu obekuphambi kwakhe ukuqinisekisa ukuthi wethula isabelomali esizokwazi ukuvuna abantu baseNingizimu Afrika.

Uthe nakuba lesi sabelo singakafinyeleli lapho uhulumeni uhlose khona, kodwa sinika inhlansi yethemba. USteenhuisen uphinde waphawula nangomasipala abangasisebenzisi isabelomali sabo ngendlela efanele. Ubayale ngokuthi kusezandleni zabo ukuqinisekisa ukuthi kubekwa abantu abafanele emisebenzini, ehambisana neziqu zabo zemfundo.

UMnu Nhlanhla Hadebe we-IFP, usincomile lesi sabelomali, wasichaza njengesihlelwe kahle, futhi okubhekwe zonke izinhlangothi kusona. UMnu Nqabayomzi Nkwakhwa we-UDM, uthi nakuba besihlonipha lesi sabelomali, kodwa kuningi okusamele kwenziwe ukuqinisekisa ukuthi konke okwethuliwe, kuyenzeka.

Ngakolunye uhlangothi, uMnu Julius Malema we-EFF, ukhale ngokuthi lesi sabelomali kasinalo uhlelo oluqondile ngokuthi konke lokhu ungqongqoshe abekusho, kuzokwenzeka kanjani.

Uthe bayasichitha lesi sabelomali ngenxa yokuthi kakukho ungqongqoshe akuphawulile okuphathekayo ngodaba lokwakha amathuba emisebenzi, ukusebenza kwamaphoyisa, nokuthuthukisa umbutho wamasosha akuleli. Ukhale ngokuthi lo mbutho kawunazo izinsiza ezifanele ukubhekana nezimpi uma ujutshiwe.

Ilungu leMK Party, uMnu Thulani Gamede, lithe kabamangali ngokushiwo ngungqongqoshe ngoba vele kakukho okutheni abebekulindele kuyena. Uthe ungqongqoshe akashongo lutho ngohlelo abazimisele ukwenza ngalo izinto, okusakhathaza abantu baseNingizmu Afrika.

UMnu Athol Trollip we-ActionSA, uthe nakuba kukhona okuhle okushiwo ngungqongqoshe, bebekulindele ukuthi kukhona azokusho ngemali ebekelwe ukuqinisa nokuvala imingcele, ukuvikela abantu baseNingizimu Afrika.

UMnu Songezo Zibi weRise Mzansi, uthe kuningi kakhulu okusamele kwenzeke eNingizimu Afrika ukubuyisa isimo somnotho kwesifanele.

UMnu Vuyolwethu Zungula we-African Transformation Movement (ATM), ukhale ngokuqhubeka kweNingizimu Afrika ukuboleka imali ekubeni umnotho untengantenga. Ubalise ngokungakhuli komnotho okudalwa kakhulu wukudayiswa kwezimpahla zomkokotelo. Uthe umkokotelo ikakhulukazi okagwayi, kawusizi ngalutho emnothweni wakuleli.

UGodongwana uthe bazoqhubeka nokulwa nenkohlakalo yamathenda, njengoba bethula uhlelo oluzoqapha indlela akhishwa ngayo. Uthe nakuba abanye bekhala ngokuthi makuvalwe ukukhishwa kwawo, lokhu kakulula ukwenzeka.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...