Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ugwetshwe 15 weminyaka ebhadla ejele olahlwe ngelokubulala indodakazi

Ugwetshwe 15 weminyaka ebhadla ejele olahlwe ngelokubulala indodakazi

by | 27 January 2025

Empty prison cell

UGWETSHWE iminyaka ewu-15 ebhadla ejele owesilisa olahlwe yicala lokubulala indodakazi yakhe eneminyaka ewu-24 ubudala ngemuva kwengxabano.

UFanie Petros Mtshali(60) ulahlwe ngaleli cala elenzeka ngomhla ka-10 ku-September 2022 endaweni yasePhola ngaseMalahleni (Witbank). Ugwetshwe ngeledlule yiNkantolo yesiFunda yaseMalahleni.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa eMpumalanga uLt Col Jabu Ndubane isisulu sabuya sekuhlwile kwase kuqubuka ingxabano phakathi kwaso noyise.

Kubikwa ukuthi safika ngezikhathi zabo-11 ebusuku, uyise wabe esesithethisa ngaphambi kokuthi asishaye ngempama sayowela phezulu kwe-TV sabe sesilimala kanzima sashonela endaweni yesigameko.

Kwabizwa abezimo eziphuthumayo namaphoyisa abafika isisulu sesithule.

Uyise wabe esekhalelwa ngamasongo kaSgonyela wabhekana necala lokubulala.

Wanqatshelwa ibheyili ngesikhathi kuqulwa icala kwaze kwabe uyagwetshwa ngeledlule.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...