Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ugwetshwe 15 weminyaka ebhadla ejele olahlwe ngelokubulala indodakazi

Ugwetshwe 15 weminyaka ebhadla ejele olahlwe ngelokubulala indodakazi

by | 27 January 2025

Empty prison cell

UGWETSHWE iminyaka ewu-15 ebhadla ejele owesilisa olahlwe yicala lokubulala indodakazi yakhe eneminyaka ewu-24 ubudala ngemuva kwengxabano.

UFanie Petros Mtshali(60) ulahlwe ngaleli cala elenzeka ngomhla ka-10 ku-September 2022 endaweni yasePhola ngaseMalahleni (Witbank). Ugwetshwe ngeledlule yiNkantolo yesiFunda yaseMalahleni.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa eMpumalanga uLt Col Jabu Ndubane isisulu sabuya sekuhlwile kwase kuqubuka ingxabano phakathi kwaso noyise.

Kubikwa ukuthi safika ngezikhathi zabo-11 ebusuku, uyise wabe esesithethisa ngaphambi kokuthi asishaye ngempama sayowela phezulu kwe-TV sabe sesilimala kanzima sashonela endaweni yesigameko.

Kwabizwa abezimo eziphuthumayo namaphoyisa abafika isisulu sesithule.

Uyise wabe esekhalelwa ngamasongo kaSgonyela wabhekana necala lokubulala.

Wanqatshelwa ibheyili ngesikhathi kuqulwa icala kwaze kwabe uyagwetshwa ngeledlule.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...