Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu Featured 9 Amadoda azobe egqoke izambatho zomama bomthandazo ngoMgqibelo

Amadoda azobe egqoke izambatho zomama bomthandazo ngoMgqibelo

by | 13 February 2026


SESIFIKILE leso sikhathi lapho sizophoqwa khona ukuthi sibonise uzwelonke ukuthi siyabathanda abantu bethu sengathi kabezethembi, futhi sebehlezi ngesinqe esisodwa emendweni.


Mina angizange nje ngayidlala leyo gemu, uma ungabaza ukuthi ngiyakuthanda ngibe ngakulobola ngakushada, ungavele ushaye isishwaphana sakho ubuyele kini.
Uma usahlezi kahle kwaMilazi futhi uphethwe kahle, kusho ukuthi usathandwa. Uma ungasathandwa, uzoxoshwa nje kahle futhi utshelwe nanesizathu.


Wena ofuna ngibonise izwe lonke ngomhla ka-14 kule nyanga, kusho ukuthi zonke lezi zi-khathi engikubonisa uthando ngazo, ngikutshela futhi, azisho lutho, ngisuke ngisuzela ema-nzini nje okwemvubu.


Abantu besimame yibo aba-thanda lolu suku lweVale-ntine’s, sengathi umu-ntu uzoquleka asho-ne uma engakhi-shwanga ngalo, ayoba mdibi mu-nye nabanye aba-khishiwe nabo.
Noma-ke uthi uyamkhipha umuntu ngoba uzama uku-gwe-ma ingxabano emzini wakho, akane-liseki ukugqoka lemibala okuthiwa eyalolu suku, ufuna nawe futhi ugqoke imi-bala yezambatho zomama bomthandazo baseMethodist.
Kusho ukuthi wena usu-yisitabane-ke lapho ngoba phela awusiye umama, kodwa uyindoda, ngakho ngeke ube ngumama womthandazo uyindoda.


Phela uma uzithola ngapha-ndle ngalolu suku uthola izwe lonke libomvu limhlophe, se-ngathi kunenkulu ingqungqu-thela yesonto laseMethodist nelamaKhatholika.
Phela lombhemu owayaziwa ngoSaint Valentine, kuthiwa wayengumfundisi wesonto la-maRoma owayeshadisa amasosha sinyenyela ngoba ayengavunyelwe ukuthatha abafazi.

Wavalelwa ekhulukuthu ngalezo zenzo zakhe, kwagcina esejeziswa ngokubulawa. Kusho ukuthi le nsizwa yayingeke ilu-nge ngaphansi kombuso weLe-mbe, yayizophanyekwa ngezi-nqa esigxotsheni esicijisiwe, yophe ize ife bese umzimba wayo uyonikwa amanqe.
Phela iNkosi uShaka kaSe-nzangakhona yayingazwani na-bantu abangawulandeli umthet-ho. Lo Saint Valentine, wayefana ncama-shi nale nsizwa okwakuthiwa nguGcugcwa.


Ubani nje ophusile ebucho-sheni owayengaba nesibindi so-kweba izinkomo zeLembe, acabange ukuthi usazophila?
Kwathi noma esefa, kuthiwa wathi “ubona mina nje nkosi, nawe bayokubona abanamehlo”, okwakukhombisa ukudelela okungakaze kubonwe.
Mina ngangiyothi akaphanyekwe ngendunu ophondweni lwenkuzi, aboshelwe kuyo nge-ntambo, bese iyashaywa ukuze ibaleke naye.


Sengiyabona ihlaba ngaye phansi izinikina, izama ukumsusa enhloko. Mhlawumbe nje le nsizwa yayibhema igudu elalixu-tshwe nesinye isidakami-zwa esithi asifane nalezi ezihla-nyisa intsha ku-lezi zi-nsuku oku-thiwa, yi-nya-ope eGoli, kanti eKhezetheni ku-thiwa yiwunga noma wonga.
Phela labafanyana namantombazanyana ababhema lomhlola, kungathi azithathi kahle la emakhanda, bebhemile noma bengabhemanga.


Mina-ke angiyibhemi iwunga, ngakho angizogqoka imibala yezambatho zomama bomtha-ndazo la, ngoba ngithi ngifuna ukufana noquqaba.
Iyiphi nje ngempela indoda ephile kahle ekhanda enebhulukwe elibomvu noma ihembe lalowo mbala?
Sengiyabona nje ngibomvu ngimhlophe, ukusukela ekha-nda kuya ozwaneni njengosaladi kabhethirudi neklabishi. Cha kangivumi nhlobo.
www.ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...