Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezempilo 9 Busukumele ubuhlungu obuba semankwahleni

Busukumele ubuhlungu obuba semankwahleni

by | 29 November 2024


DKT THABILE MTHEMBU

ENGOSINI yanamuhla sizokhuluma ngobuhlungu emasendeni. Siyazi ukuthi abaningi bayazi ukuthi kunzima kanjani ukubhekana nobuhlungu endaweni ebucayi kangaka. Masikhumbuzane ukuthi kakusibona bonke ubuhlungu bamasende obusho izifo zocansi. Siyazi ukuthi abaningi uma bezithola bebhekene nale nkinga bavamise ukucabanga ukuthi kusuke kuyisifo socansi.
Ziningi izinto ezingabangela ukuthi umuntu azithole ebhekene nale nkinga kodwa namhlanje sizokhuluma ngezimbili kuphela. Sizokhuluma nge-epididymo-orchitis ne-testicular torsion. Kungani sikhetha lezi zombili namuhla? Yingoba esikhathini esiningi kunzima ukwehlukanisa phakathi kwalezi zifo zombili kanti futhi esinye siyisimo esiphuthumayo kodwa esinye kasiyiso.

Udokotela noma unesi angabuza imibuzo ethinta ezocansi

Masiqale nge-epididymo-orchitis, lana kusuke kufanele kutholakale ukuthi une-infection yamasende noma ye-epididymis. I-epididymis yilapho kubekwa khona ama-sperms, agcineke aze akhule ngokwanele ukuthi asengadubula. Khumbula ukuthi ama-sperms enziwa emesendeni.
Singakubamba uma une-infection yalezi zifo engabangelwa yizifo ezithelelana ngocansi noma amanye ama-infections. Siyabonga ukuthi esikhathini esiningi la ma-infection avamise ukusondelana kakhulu nezifo zocansi. Okwenza ukuthi kwesinye isikhathi udokotela wakho noma unesi akubuze imibuzo ethinta ezocansi. Njengokuthi ulugcine nini ucansi olungaphephile? Nezinye izimpawu zezifo zocansi njenge-drop.

Izimpawu ezingasolisa i-epididymis-orchitis:

  • Ubuhlungu obuqala kancane bunyuke;
  • Ezinye izimpawu zezifo zocansi;
  • Ukushisa komchamo;
  • Ukuqala kwezimpawu ngemuva kokwenza ucansi olungavikelekile;
  • Kungahambisana nezinye izimpawu ezinjengokushisa komzimba nokuphalaza;
  • Ubuhlungu bunganyuka buze nasemqolo.

Uma usola ukuthi unalesi sifo kubalulekile ukuya kudokotela noma emtholampilo ukuze uthole usizo ngoba lapho ungalutholi usizo, singenza ezinye izinkinga ikakhulu esikhathini esizayo. Lesi sifo kasikhethi minyaka, kepha sivamise kakhulu kwabesilisa abaseminyakeni lapho ucansi lwenziwa kakhulu khona.

Kanti kolunye uhlangothi i-testicular torsion yisifo esivame kubafana abasakhula. Nazi izinto ezimbalwa ngalesi sifo:

  • Ubuhlungu bufika ngokushesha;
  • Lobu buhlungu buvamise ukuhambisana nezinye izimpawu, futhi buba sohlangothini olulodwa. Kasisho ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi ubambeke kuzo zomabili izinhlangothi kodwa kakuvamile;
  • Sithanda abafana abasakhula.

Okubalulekile ngalesi sifo wukukhumbula ukuthi siyisimo esiphuthumayo. Uma usola ukuthi ingane yakho noma wena unaso, kufanele uthole usizo ngokuphuthuma. Esikhathini esiningi udinga ukuhlolwa ngudokotela, enze ne-ultrasound doppler ukuze ahlukanise kulezi zinkinga zombili. Khumbula ukuthi lapho amasende ebuhlungu kubalulekile ukubonana nodokotela.

  • Uma unesifiso sokusoka, uDkt Thabile Mthembu ukwenza mahhala lokhu kepha kumele ufone kuqala ukubhukha. Usebenzela eBlue Clinic, eMaxwell Centre ngaseCity Hospital, eThekwini. Utholakala enombolweni ethi: 031 309 1832.
  • Uyatholakala nasezinkundleni zokuxhumana ngala madilesi:-
    Instagram: @the.blue.clinic
    Instagram
    @the_blue_clinic
    Facebook
    @The Blue Clinic by Dr Thabile
    Youtube
    @The Blue Clinic Dr Thabile

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...