Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezempilo 9 Okuhlanyisa abesifazane ocansini

Okuhlanyisa abesifazane ocansini

by | 29 November 2024

Dkt THABILE MTHEMBU

UMA kuza enkonzweni yasekamelweni kwesinye isikhathi kuyaye kucabangeke sengathi kunezindawo ezizwela kakhulu kunezinye. Lokhu kugcina kuholela ekutheni kugxilwe kakhulu endaweni eyodwa okuyisitho sangasese. Nokho iqiniso lithi ziningi izindawo ezizwelayo emzimbeni. Uma sikhuluma ngezindawo ezizwelayo, sisuke sikhuluma ngalezo okuthi uma uzithinta zenze uphathina wakho athambe.
Siyaqonda ukuthi izindawo ezizwelayo noma ezifudumele kunazo zonke kuba yizindlebe, izingono nesitho sangasese, kodwa-ke zikhona nezinye yize zingasheshi njengalezi esizibalile. Make sixoxe ngokuthi umbamba kanjani uphathina wakho kwamancane, umsondeze eduzane.

  • Intamo
    Le ndawo iyezwela kakhulu, uma uzoyiqabula ngendlela emnene noma uyilume ngamandla ukuzwe izwele kahle. Kodwa ukuze izinto zikuhambele kahle kuphathina wakho, yenza ngesineke, ungajahi.

Ongakwenza

  • Khotha;
  • Qabula;
  • Thinta ngesandla esibushelelezi, ungahambisa iminwe kancane yehle yenyuke;
  • Ungathinta nangezimpaphe, noma okuthile okuvusa imizwa.

Okumele ukugweme

  • Ungasebenzisi amandla amaningi kule ndawo.
  • Ngaphakathi kwamathanga
    Uma sifika kule ndawo kasigijimeli endlunkulu, siqale sigudle iguma. Lokhu kwenza umlingani wakho alangazelele nakakhulu ukufika kwakho. Le ndawo izwela ngokwengeziwe.

Ongakwenza

  • Khotha, qabula, thinta;
  • Ungazama nokugijimisa iqhwa kule ndawo, lokho kusebenza njengomshini.

Ongakwenzi

  • Ukuluma, njengoba sesishilo ukuthi le ndawo iyazwela, ungalinge uyilimaze.
  • Izindlebe
    Njengakwabesilisa, le ndawo iyazwela, abaningi kabazinaki izindlebe. Zizwela kakhulu uma zithintwa. Igazi lidlula kakhulu kule ndawo yingakho inokuzwela, ngesikhathi uzitika nophathina, hlala ubuye uvakashele endlebeni ngesikhulu isinono.

Ongakwenza

  • Thinta kancane ulandele amagwagwa;
  • Khotha ungagcwalisi amathe, ikakhulukazi embotsheni yendlebe ngoba ungenza ama-infections;
  • Qabula kodwa qaphela ukuthi ungabangi umsindo omkhulu eduze nendlebe ongagcina usucika uphathina wakho;
  • Khumbula siyahleba uma sikule ndawo;
  • Mhlebele nezinto ezimnandi, ezizomjabulisa.

Ongakwenzi

  • Wukufaka izinto ngisho amathe endlebeni;
  • Ukubanga umsindo eduze nendlebe, kuzoliqeda nya ilukuluku likaphathina wakho. Ukuthinta le ndawo kwenza igazi ligijimele esithweni sangasese.
  • Isisu
    Owesifazane akeve ebuthaka kule ndawo kodwa thinta ngobuciko;

Ongakwenza

  • Khotha, qabula, luma ngobuciko ungalwi;
  • Thinta, kitaza.

Okungenziwa

  • Umuntu ozwela ukukitazwa ungamkitazi ngoba kumkhipha esimeni senjabulo kumhlekise.
  • Amakhwapha
    Ngiyazi kwabanye kuyathusa kodwa amakhwapha kaweve ezwela, yingakho kukhona abantu abangathintwa kule ndawo. Izele ngosisoka ngoba kawufuni umlingani abulawe yinsini.

Ongakwenza

  • Ungadlalisa ngeminwe, ungezi ngamandla ngoba uzomkitaza umlingani wakho;
  • Qikelela ukuhlanzeka;
  • Bheka indlela umlingani wakho asabela ngayo.

Ongakugwema

  • Ungakhothi uma kunephunga noma iziqholo;
  • Ungakitazi kakhulu.
  • Ikhanda
    Ikhanda phela nalo linemizwa eminingi ekulona, okulenza kube yindawo ezwela ngokudlulele. Owesifazane uzwela kamnandi uma uphathina ethinta ikhanda uma kuqatshulwana. Indawo engemuva kwezindlebe nasencegeleni ihamba phambili, yenza sengathi wenza imasaji.

Ongakwenza

  • Hambisa iminwe uyigijimise ngobunono ekhanda;
  • Thola kumlingani wakho ukuthi ujatshuliswa wukuqina noma wukuthamba kweminwe;
  • Dlala ngezinwele, lokhu ukwenze ngobunono ube ucabangela ne-hairstyle yakhe!

Gwema

  • Ungalinge udlalise ikhanda eliqeda ukulukwa ngoba libuhlungu;
  • Ungamcabangeli ukuthi uthanda ukuthintwa kanjani ekhanda, xoxisanani.
  • Iqolo nengemuva lamahlombe
    Iningi kalikaze liyicabange le ndawo njengezwelayo kodwa inamandla kakhulu uma uzoyithinta ngobumnene noma uyiqabule. Kodwa ukuze le ndawo owesifazane ayithokozele kumele anethezeke kahle (relax). Indawo le engemuva ijwayele ukuzwela ikakhulu uma unengcindezi, ukuwotwawotwa kamnandi (massage) kungenza owesifazane akitazeke kwamancane. Le ndawo okuhlangana kuyo umhlane nesinqe izwela kakhulu.
  • Ingaphakathi lesihlakala
    Thinta kancane le ndawo ngesinono, ngokuhamba kwesikhathi ungabe usuyiqabula kancane uyincenge, uyikhothe ube mnene.
  • Ingemuva lamadolo
    Le ndawo iyazwela futhi ithi mayibe nokukitaza okuncane. Masaja noma phulaze uphathina wakho ezithweni ngesikhathi nimatasa nizithokozisa, bese uya kwingemuva lamadolo usebenzise iminwe nolimi.

Khumbula njalo ukuthi lapho uthinta umuntu ngendlela yobulili kumele sithole imvume kuqala ngoba lokhu uma kwenziwe ngaphandle kwayo kuwukunukubeza. Ukuhlala ndawonye ningaqabulani emlonyeni kuyasiza ukuthi nijwayelane imizimba yenu futhi niqondane kangcono. Kufundisa ukunaka nemizwa kamlingani wakho ngaphandle kokuthi nize nikhulume.
Khumbula ukuthi ngeledlule sithe kubalulekile ukuthi uma kudlalwa ekameleni kumele kugadwe indlela umlingani aphefumula ngayo uma kuya ngokushesha yazi ukuthi usendaweni okuyiyo. Siphinde siqaphele nokushaya kwenhliziyo lapho iya ngokushesha usuke usayibambe ngakho.
Bheka nobuso ukuthi benzenjani, lokhu kodwa kunobungozi, njengokulalela umsindo ngoba uma umlingani ubona sengathi umgadile, angaze agcine esekunika lokhu abona ukuthi ukulindele okwenza sibone abesifazane abaningi benza sakujabula ukuze bathokozise abalingani babo.
Yiba yisoka ekumbukeni, bheka enganakile futhi ungagxili kukho kakhulu. Gada inhliziyo ukuphefumula kakhulu ngoba lokho kakusoze kukudukise.
Okubaluleke nakakhulu wukuthi owesifazane ngamunye wehlukile njengoba nabo abesilisa behlukile. Ukuthi wake wenza into kothile wayithokozela, kakusho ukuthi nolandelayo uzoyithokozela. Yingakho kubalulekile ukuhlala uqaphile ukuthi umlingani wakho usajabule yini. Khumbula ukuthi inkonzo yenu yasekameleni ngeyenu nobabili, kumele niyithokozele nobabili.

  • Uma unesifiso sokusoka, uDkt Thabile Mthembu ukwenza mahhala lokhu kepha kumele ufone kuqala ukubhukha. Usebenzela eBlue Clinic, eMaxwell Centre ngaseCity Hospital, eThekwini. Utholakala enombolweni ethi: 031 309 1832.

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...