Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezempilo 9 Abesifazane bazohlonyiswa ngolwazi kwi-Menopause Summit

Abesifazane bazohlonyiswa ngolwazi kwi-Menopause Summit

by | 15 October 2025

NGUDKT Sibu Lubelwana ohlela umcimbi iMenopause Summit, ozokuba ngoMgqibelo ngomhla ka-18 kuMfumfu, eLa Collezione, eMhlanga. Lo mcimbi uzosiza ngolwazi abesifazane abangena esigabeni se-menopause.

IKHUZA ibuya ingqungquthela ebizwa ngeThe Menopause Summit, egxile ekuhlomiseni abesifazane ngokungabasiza uma sebefike esigabeni sokukhula esaziwa nge-menopause.

Lesi yisigaba owesifazane afinyelela kusona lapho amaqanda asuke engasakhiqizi i-hormone ebizwa nge-oestrogen ngendlela eyejwayelekile. Lokhu kuba nemithelela ethile emzimbeni wowesifazane.

Lo mcimbi uzokuba ngoMgqibelo ngomhla ka-18 kuMfumfu (October), eLa Collezione, eMhlanga. UDkt Sibu Lubelwana, ongudokotela wabesifazane, futhi ongumhleli walo mcimbi, uthi uyinkundla yokwabelana kwabesifazane ngolwazi kwabadlula kulesi sigaba nezazi zezempilo.

Echaza ngeMenopause Summit uthe: “Sikubone kubalulekile ukuba nenkundla enjengalena ukuze abadlula kulesi sigaba babone ukuthi kababodwa, futhi bangazizwa bebandlululeka. Lo mcimbi ngonyaka owedlule ube yimpumelelo enkulu, okukhomba ukuthi siyadingana singabesifazane.

“Sizobe sinabesifazane abadlula kwi-menopause, izazi zezempilo, abezomthetho, nabazosihlaziyela ukuthi singazinakekela kanjani. Khumbula ukuthi kuningi oku-shintshayo kowesifazane uma efika kulesi sigaba. sizobheka ukuthi uzibona kanjani izimpawu, okokwelapha ongakusebenzisa nokuthi ucathula kanjani kukho konke odlula kukhona.”

Kuzoba khona nogxile kwezobuhle (image consultant) ozochaza ngokushintsha komzimba nokuthi ungazinakekela kanjani. Ummeli uzochaza ngezinkontileka zemishado kanjalo nama-sexologist kwazise nenkonzo yasekamelweni nayo ibalulekile. Umeluleki wezezimali uzochaza ngokubaluleka kokuhlela ezempesheni nokonga.

“Ngimema wonke umuntu wesifazane ukuthi asondele neno ukuze aqonde ukuthi kwenzekani kuyena, futhi leli kuzoba yithuba lokuhlangana nabanye besifazane abadlula esimweni esifanayo,” kuchaza uDkt Lubelwana.

Phakathi kwezimenywa ezinohlonze singabala kuzona uDkt Sibongile Mashaphu, uSolwazi Boitumelo Phakathi, uDkt Mpume Zenda, uDkt Nomandla Tsibiyane nabanye. Amathikithi alo mcimbi atholakala eQuicket (www.quicket.co.za).

Ezisematheni

Iyaqonga ingcindezi yokubeka uCele amacala

Iyaqonga ingcindezi yokubeka uCele amacala

IKOMIDI lasePhalamende elilalela izinsolo zokugxambukela kosopolitiki, ekusebenzeni kwezinhlaka zomthetho, linengcindezi yokubeka owayengungqongqoshe wamaphoyisa, uMnu Bheki Cele, amacala. Leli komidi libekelwe umhla ka-30 kuMfumfu (October), ukuphothula umsebenzi...

Ubanjwe eMelmoth ‘owabulala’ abangu-9 eSydenham

Ubanjwe eMelmoth ‘owabulala’ abangu-9 eSydenham

UBANJWE Obuka, eMelmoth umsolwa obefunelwa amacala okubulala abantu abangu-9 ezigamekweni ezimbili ezehlukene eSydenham ngo-2021. Okhulumela amaPhoyisa kwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe umsolwa ubanjwe ngoLwesithathu ebusuku wuPhiko lweMuder and Robbery...

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Khumalo (ongasekho). UKhuzani uveze lokhu...