Ilanga News
Home 9 Featured 9 Odokotela bakhala ngohulumeni ongasifezanga isethembiso sokubaqasha

Odokotela bakhala ngohulumeni ongasifezanga isethembiso sokubaqasha

by | 13 June 2025

BAKHALA ngokungafezwa kwezethembiso odokotela baKwaZulu-Natal abangakaqashwa kuze kube yimanje nakuba uMnyango wezeMpilo wawubathembisile. Kumanje bathi badunguza ebumnyameni, akukho nesisodwa isikhulu salo mnyango esike sazixaka ngokubachazela ngokwenzekayo. “Ziningi izethembiso ezenziwe kuqala unyaka, kwabanjwa imihlangano eminingi sathenjiswa ukuqashwa. Kwathi ngo-April sekumele sinikwe umbiko ogcwele, kuvele kwacweba iziziba,” kuchaza uDkt Kenneth Sithole, okhulumela odokotela abangaqashiwe.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-April, uNgqongqoshwe wezeMpilo kuZwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi, wamemezela ukuthi bazokhangisa izikhala zemisebenzi eziwu 1,200, eziwu 200 ezabahlengikazi nezabasebenzi bezempilo abawu 250. Nakuba kunjalo odokotela baseKZN bathi akukaze kuqashwe muntu kulesi sifundazwe, kunalokho kuvulwe izikhala zohlelo lweNational Health Insurance (NHI) lapho beqashwa khona izinyanga eziwu-8 kuphela. “Kulezo zinyanga akusikho ukuthi uyasebenza ngokugcwele kuba namahora athile ozowasebenza nezinsuku ezikhethiwe,” kuchaza uDkt Sithole.

Ngenxa yezethembiso ezingafeziwe, sebeqoke ukubuyela ekomkhulu lomnyango eNatalia Building, eMgungundlovu bayoqhinqa futhi. Bathi lo nyaka ungowesithathu bekhala into eyodwa.

“Isikhungo i-UKZN kulo nyaka senyuse isibalo sabafundi esibathathayo ukufundela ubudokotela besuka ku-250, senyuka safinyelela ku-300. Labo bafundi bazosebenza kuphi uma umnyango ungenzi mnyakazo. Ngaphezu kwalokho kawubacabangeli abantu iningi labo okungabantu abamnyama, abahlala emitholampilo nasezibhedlela bengalutholi usizo. Uhulumeni unayo indlela yokubhekana nale nhlekelele kepha uqoka ukugoqa izandla,” esho. Uthi okuxakayo ukuthi kwezinye izifundazwe kuyanyakaza kepha eKZN kuthule du.

Njengoba bezobe beqhinqile kusukela ngoLwesibili mhla ka 17 June bacela amalungu omphakathi abasize ngokufaka isandla emzabalazweni wabo, ngokunikela ngokudla, noma amavawusha okudla, okokuphuza nendawo yokuhlala. Ukufaka isandla ungabaxhuma ku-065 996 6809

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...