Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-Action SA inxusa ukubekezelelana ngokwepolotiki

I-Action SA inxusa ukubekezelelana ngokwepolotiki

by | 19 June 2025


UMHOLI we-Action SA, KwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango, uthi ziyamkhathaza izigameko zakamuva zokungabekezelelani ngokwepolitiki esifundazweni.

Ukusho lokhu ngemuva kokuvela eNkantolo eNkulu yaseThekwini kukaMnu Xolani Hadebe, oqhumise isibhamu ngesikhathi kunombuthano wokuvulwa kweziko le-Action SA eSydenham, eThekwini, ngeSonto. UHabede uvele enkantolo ngoLwesibili lapho ebhekene necala lokuqhumisa isibhamu ebhilidini elinomphakathi nelokudala uthuthuva.

Lo mhlangano wokugcoba iziko le-Action SA, ugcine ungaqhubekanga ngoba abantu ababewethamele, baziwa bengaphephile.


“Asinandaba ukuthi umuntu owenza le nto ngowaliphi iqembu, noma inhlangano. Siyawanxusa amaqembu ukuthi afundise abalandeli bawo ngokubaluleka kokubekezelelana ngokwepolitiki. I-Action SA ikhona, ngeke ishatshalaliswe wukwesatshiswa.

“Sifuna amaphoyisa asibuzele lo muntu (uHadebe), ukuthi uze aqhumise isibhamu nje, kugcwele abalandeli bethu ehholo, wayehloseni futhi ethunywe ngubani,” kusho uMncwango.

Abazibonela bathi kufike imoto yohlobo lweToyota Quantam, kwehla abantu kuyo, baqonda ehholo okwakuhlangenwe kulo, umhlangano ungakaqali. Kuthiwa yilapho-ke umsolwa, uHadebe, aqhumisa khona isibhamu.


Ababekhona ehholo bamubamba, bamephuca isibhamu umsolwa, bamusa ekamu lamaphoyisa. Uzovela futhi enkantolo ngomhla ka-24 kuyona le nyanga.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...