INTATHELI YELANGA
“UHLUBA udlubu ekhasini” uMnu Mathews Phosa encwadini yakhe esanda kushicilelwa ethi “Witness to Power”, mayelana nomnikelo kaMnu Muammar Gaddafi (ongasekho), owayengumengameli waseLibiya, awunika i-ANC ngesikhathi ilungiselela ukhetho lukazwelonke nezifundazwe ngo-2009. UPhosa – owayengumgcinimafa-jikelele we-ANC ngaleso sikhathi – uyiqinisekisile eyalo mnikelo kule ncwadi yakhe, kanti uthi naye wabamba iqhaza ekutheni utholakale.
Wenaba nangothi izitha zikaGaddafi kwezepolitiki zajabha, zasola uMnu Jacob Zuma – owayengumengameli ngaleso sikhathi – ngokuzidayisa kwinguyazana yezingxoxo zokudala ukuthula eLibya ngo-2011 njengoba kwasekubheduke impi yangaphakathi. Uthi i-ANC yaphika yama ngentaba ngezinsolo zokuthi uGaddafi wayigixabeza ngemali yokukhankasela ukhetho ngo-2009. “Iqiniso lithi, i-ANC – ngaphansi komgcinimafa-jikelele abehlukene – yawuthola umnikelo kuGaddafi, nami nje, kuneqhaza engalibamba ekutholeni enye yaleyo mali,” kuloba uPhosa.
NGUMNU Jacob Zuma enoMnu Mathews Phosa.
Uthi emuva kokuba uZuma eseqokwe ekubeni ngumengameli we-ANC, ePolokwane ngo-2007, uGaddafi wacela ukuhlangana naye ngaphambi kokhetho lwango-2009. Uqhuba uthi yena nabanye abeluleki bakaMsholozi, banikela eTripoli – inhlokodolobha yaseLibya – lapho uGaddafi wavuma ukuthi kukhona azokuphonsa ukweseka umkhankaso we-ANC. Uveza nokuthi wethuka kwaphela nasozwaneni ethola ukuthi nendodana yomfowabo kaZuma, uMnu Khulubuse Zuma, yayikhona ngesikhathi behlangana noGaddafi. “Sasingahambi ngendiza eyodwa naye (uKhulubuse), yingakho sasingakulindele ukuba khona. Emhlanganweni olandelayo, ngathola ukuthi uKhulubuse uhlangane noGeneral Rahman, bedingida eyenkontileka yezokuvikela, phakathi kweNingizimu Afrika neLibya. Amahlebezi eTripoli ayethi uKhulubuse umele inkampani kahulumeni eyakha izikhali, iDenel noHulumeni waseNingizimu Afrika ezingxozweni. UBashir Saleh, owayengomunye wabeluleki abaphezulu bakaGaddafi, wangitshela ukuthi ithimba elalimele iLibya ezingxoxweni, lizizwa lingakhululekile ngale nto (kaKhulubuse),” eqhuba.
NGUMNU uMuammar Gaddafi owayengumengameli waseLibya.
Ngokuloba kweDaily Maverick, uMnu Mzwanele Manyi okhulumela iJG Zuma Foundation, uthe: UMengameli Zuma umatasatasa wakha iMK Party, eyithemba lokugcina ngci labantu baseNingizimu Afrika. Ngeke-ke silokhu sinakana nabantu abasiphazamisayo ngoba nakhu befuna ukubukwa.
UKhulubuse – ngokweDaily Maverick – uthe: “Kangikaze nangelilodwa ilanga ngimele uhlaka lukahulumeni. Kazikho nje izingxoxo engake ngaba kuzona, ngimele uhulumeni. Ngiyamhlonipha uMnu Phosa njengomuntu omdala. Ngiyema lapho.” USihlalo we-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe ngabe basenga ezimithiyo uma bengathi kunemali abayaziyo eyanikelwa nguGaddafi kwi-ANC ngo-2009. “Sesiside isikhathi (le nto okukhulunywa ngayo yenzeka), ubuholi obukhona njengamanje babungekho ezikhundleni ngaleso sikhathi,” esho.
UGaddafi unxenxa uMsholozi ukumcubuzela kwiMalawi
Uveza nokuthi uGaddafi wazama ukunxenxa uZuma ukuba amsize athole ihlandla lesibili kwesikasihlalo we-African Union (AU). Uthi uGaddafi wacela uMsholozi ukuba anxenxe iMalawi ukuthi ingasamukeli lesi sihlalo, ukuze kuzobuyiselwa yena. Uqhuba uthi lo mholi waseLibya waze wathembisa uZuma isikhundla sokuba ngungqongqoshe wezangaphandle uma esebumbe uhulumeni wase-Afrika – inqobo nje uma ehlehlise iMalawi. UPhosa uthi nguyena owanqaba, watshela uGaddafi ukuthi uhlokoloze uhulumeni waseMalawi esweni ngokuxhasa iqembu eliphikisayo, ngakho-ke kuyoba nzima ukuba uvume “ukumnika” lesi sikhundla. Nempela sagcina siphelele kuMnu uBingu wa Mutharika (ongasekho), owayengumengameli waseMalawi.
NGUMNU Bingu wa Mutharika.
Uchaza neyokuthi eLibya, uMsholozi wayenezingxoxo zakhe eziyimfihlo ngo-2011 ngesikhathi kuzanywa ukuphemba ukuthula. Uthi uNgqongqoshe wezaNgaphandle e-UAE, uSheikh Abdullah bin Zayed Al Nahayan, wathumela elinye lamasekela akhe kuleli ukuba licele umhlangano phakathi kukaZuma noMahmoud Jibril, owayengusihlalo wohlaka lwesikhashana eLibya, iNational Transitional Council, eyayihamba phambili ezinhlakeni ezaziphikisa uhulumeni kaGaddafi.
UMsholozi wavuma ukubonana noJibril. UPhosa uthi – ngenxa yobudlelwano beLibya neNingizimu Afrika – waqoma ukuthi kube nguyena ohola lowo mhlangano “owawusamshoshaphansi njengoba uMnu Siyabonga Cwele owayengungqongqoshe wezobunhloli noNkk Maite Nkoane-Mashabane owayengowezobudlelwano namanye amazwe, babengaziswanga ngawo”.
NGUMNU Mahmoud Jibril.
Uqhuba uthi nempela uJibril wahlangana noMsholozi eGenadendal, eCape Town, wamtshela ukuthi iNingizimu Afrika yagila izimanga, wenza isibonelo ngoMnu Nelson Mandela noMnu Willem “FW” de Klerk, wathi bayisibonelo esihle kwiLibya. Uthi uJibril wamnxusa uMsholozi ukuba avakashele uGaddafi ukuze kuboniswane naye, kuqalwe izingxoxo “ngenhloso yokuthi izwe lethu lingaphenduki umlotha”. Nempela uMsholozi waya eTripoli emuva kokucetshiswa nguye uPhosa. Kwakukhona izethenjwa zikaGaddafi kuphela, ungqongqoshe wezobudlelwano namanye amazwe nowezobunhloli babengatshelwanga lutho, ngokusho kukaPhosa.
“Ngesikhathi esebuya, waveza ukuthi uGaddafi akayizwa eyezingxoxo nabantu abachaza njengamaphekulazikhuni azama ukuketula umbuso wakhe osemthethweni. Ewu, sadumala,” kuloba uPhosa.
Izigidi zikaGaddafi
Indaba yezigidi zikaGaddafi kuke kwaphuzwa ngayo amatiye eNingizimu Afrika, kusaloba uPhosa. Uthi emuva kokuba amavukelambuso esewuqumbe phansi umbuso kaGaddafi ngo-August 2011, wahlela ukuba uMsholozi akhulume ngocingo noMahamadou Issoufou, owayemengameli waseNiger ngaleso sikhathi, ukuba abhacise umndeni kaGaddafi uma kuwukuthi udinga ukukhosela. “U-Issoufou wavuma, sasesithumela umlayezo kwababesondelene noGaddafi. Kwasijabulisa ukuzwa ukuthi amanye amalungu omndeni wakhe asethe cababa enhlokodolobha yaseNiger, iNiamey, kodwa-ke, uphi uGaddafi? Kasibange sisakwazi ukuxhumana naye, akekho owayazi ukuthi ukuziphi izinkalo. Nakho-ke sesizwa ukuthi ubanjiwe, wabulawa ngesihluku, mhla ka-20 ku-October 2011. Hhawu-ke emuva kwalokho, kwaqala kwasabalala amahlebezi. Kwathiwa uZuma uthumelele izindiza zeSAA ukuyohlenga uGaddafi nomndeni wake; kwathiwa uGaddafi uthumele indiza enezigidi zamarandi negolide eNingizimu Afrika; kwabuye kwathiwa sithumele omashayabhuqe eTripoli ukuvikela uGaddafi. Ngingakuqinisekisa ukuthi eyokuthunyelwa kwezindiza, ngamanga aluhlaza. Lawa amanye, ngicabanga ukuthi kwakumane kungamahlebezi nje. Mhlawumbe liyovela iqiniso ngelinye ilanga, asazi,” kusho uPhosa.
NGUMNU Jacob Zuma noMnu Muammar Gaddafi.
Uveza nokuthi emuva kwesikhashana, wahlangana nezithunywa zaseLibya ezahlukene, nesinye okwakuthiwa ngese-US State Department, zifuna lezi zishaqane zikaGaddafi okwake kwavela nokuthi ziseSwazini. Emuva kwezinsukwana uGaddafi ebulewe, uJibril wesula ekubeni yinhloko yeNTC waba ngumholi weNational Forces Alliance, eyaba yiqembu elikhulu kuhulumeni omusha. Wabulawa yisifo senhliziyo ngo-2020, okubikwa ukuthi saqutshulwa ywukhuvethe.