Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bebefunelwa uxhaxha lwamacala ababulawe ngamaphoyisa eNanda

Bebefunelwa uxhaxha lwamacala ababulawe ngamaphoyisa eNanda

by | 9 February 2025

AMAPHOYISA adubule abulala abasolwa abathathu abadubulane namaphoyisa eBhambayi eNanda ngoMgqibelo ntambama.

Kubikwa ukuthi amaphoyisa alunywe indlebe ngokuthi bakuphi laba basolwa abebefunelwa uxhaxha lwamacala aseNanda naseMlazi.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa athole laba basolwa abahlanu bengaphakathi endlini.

“Ngesikhathi abasolwa bebona amaphoyisa asengaphandle kwalo muzi babe sebevulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni. Kwabe sekuqala ukudubulana phakathi kwabasolwa namaphoyisa,” kucha uNetshiunda.

Uqhube ngokuthi ngesikhathi kudutshulwana kube sekudubuleka abasolwa abathathu bashonela khona endaweni yesigameko. “Kutholakale izibhamu ezintathu,” echaza.

Uthe abasolwa ababili bacele empunzini kanti amaphoyisa asabathungatha.

Uveze ukuthi phakathi kwamacala laba basolwa abebefunelwa wona kubalwa elokubulawa kwabantu abane okuhlanganisa ephoyisa elabe lingekho emsebenzini ethaveni yaseSundumbili.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...