Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bebefunelwa uxhaxha lwamacala ababulawe ngamaphoyisa eNanda

Bebefunelwa uxhaxha lwamacala ababulawe ngamaphoyisa eNanda

by | 9 February 2025

AMAPHOYISA adubule abulala abasolwa abathathu abadubulane namaphoyisa eBhambayi eNanda ngoMgqibelo ntambama.

Kubikwa ukuthi amaphoyisa alunywe indlebe ngokuthi bakuphi laba basolwa abebefunelwa uxhaxha lwamacala aseNanda naseMlazi.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa athole laba basolwa abahlanu bengaphakathi endlini.

“Ngesikhathi abasolwa bebona amaphoyisa asengaphandle kwalo muzi babe sebevulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni. Kwabe sekuqala ukudubulana phakathi kwabasolwa namaphoyisa,” kucha uNetshiunda.

Uqhube ngokuthi ngesikhathi kudutshulwana kube sekudubuleka abasolwa abathathu bashonela khona endaweni yesigameko. “Kutholakale izibhamu ezintathu,” echaza.

Uthe abasolwa ababili bacele empunzini kanti amaphoyisa asabathungatha.

Uveze ukuthi phakathi kwamacala laba basolwa abebefunelwa wona kubalwa elokubulawa kwabantu abane okuhlanganisa ephoyisa elabe lingekho emsebenzini ethaveni yaseSundumbili.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...