Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-ANC ithi ayikanqumi lutho ngekusasa leDA kwiGNU

I-ANC ithi ayikanqumi lutho ngekusasa leDA kwiGNU

by | 8 April 2025

I-ANC ithi akunasinqumo esisithathile ngeDA ukuthi izoqhubeka yini ihlale kuhulumeni wobumbano lwamaqembu ehlukene, iGNU.

“Mhlawumbe sebesithathile (bona) isinqumo sokuthi bafuna ukuphuma, kasazi,” kusho uMnu Fikile Mbalula onguNobhala-Jikelele we-ANC.

UMbalula ubekhuluma esithangamini sabezindaba ngoLwesibili emini, ngemuva komhlangano weNWC ye-ANC, obungoMsombuluko. Uthe basazibophezele bona kwiGNU, wathi kodwa iGNU akuyona iDA.

Muva nje ubudlelwano be-ANC neDA kwiGNU bube muncu kakhulu kulandela ukungavumelani ngebhajethi ephasiswe ngeledlule, ikakhulukazi indaba yokwenyuswa kweVAT ngo-0.5%. I-DA ivote yayiphikisa le bhajethi.

“Uma isafuna ukuba yingxenye yayo (GNU), izobhekana kanjani nale ndaba yokungavumelani nebhajethi, nokuthi siqhubekela kanjani phambili?” kubuza uMbalula.

Uthi uma iDA isafuna ukuhlala kwiGNU kuzomele kucace ukuthi izolungiswa kanjani indaba yokuthi iyaphikisana nesabelomali.

Uphawule nangamahlebezi okuthi kungenzeka uMengameli Cyril Ramaphosa enze izinguquko kwikhabhinethi, kukhishwe ongqongqoshe beDA. Amahlebezi asabalele athi kungenzeka uRamaphosa afake amanye amaqembu alekelele i-ANC ukuba kuphasiswe ibhajethi, okubalwa kuwona i-ActionSA, iBOSA, namanye amancane.

UMbalula uthe akukho zinhlelo abazaziyo beyi-ANC zokuthi uRamaphosa angahle enze uguquqo kwikhabhinethi. Uthe uRamaphosa akakaze akhulume ngokwenza uguquko kwikhabhinethi.

Uqhube wathi uRamaphosa njengomengameli wezwe, unelungelo namandla okwenza uguquko kwikhabhinethi uma ebona isidingo.

Ezisematheni

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Khumalo (ongasekho). UKhuzani uveze lokhu...

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

BADEDELWE ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye uNkk Tsakane Matlala nababili abeboshwe nabo ngecala lokuqasha indawo eseWaterkloof  ebiza u-R95 000 ngenyanga okuthiwa basebenzise isivumelwano somgunyathi abathi isona esiqinisekisa ukuyiqasha kwabo. UTsakane...

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa, elisamisiwe emsebenzini, uJenene Shadrack Sibiya (osesithombeni), lizobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo lomhla ka-29 kuMandulo (September), liyofaka isicelo sebheyili. USibiya uboshwe ngoMsombuluko, wavela kafushane eNkantolo...