
I-ANC ithi akunasinqumo esisithathile ngeDA ukuthi izoqhubeka yini ihlale kuhulumeni wobumbano lwamaqembu ehlukene, iGNU.
“Mhlawumbe sebesithathile (bona) isinqumo sokuthi bafuna ukuphuma, kasazi,” kusho uMnu Fikile Mbalula onguNobhala-Jikelele we-ANC.
UMbalula ubekhuluma esithangamini sabezindaba ngoLwesibili emini, ngemuva komhlangano weNWC ye-ANC, obungoMsombuluko. Uthe basazibophezele bona kwiGNU, wathi kodwa iGNU akuyona iDA.
Muva nje ubudlelwano be-ANC neDA kwiGNU bube muncu kakhulu kulandela ukungavumelani ngebhajethi ephasiswe ngeledlule, ikakhulukazi indaba yokwenyuswa kweVAT ngo-0.5%. I-DA ivote yayiphikisa le bhajethi.
“Uma isafuna ukuba yingxenye yayo (GNU), izobhekana kanjani nale ndaba yokungavumelani nebhajethi, nokuthi siqhubekela kanjani phambili?” kubuza uMbalula.
Uthi uma iDA isafuna ukuhlala kwiGNU kuzomele kucace ukuthi izolungiswa kanjani indaba yokuthi iyaphikisana nesabelomali.
Uphawule nangamahlebezi okuthi kungenzeka uMengameli Cyril Ramaphosa enze izinguquko kwikhabhinethi, kukhishwe ongqongqoshe beDA. Amahlebezi asabalele athi kungenzeka uRamaphosa afake amanye amaqembu alekelele i-ANC ukuba kuphasiswe ibhajethi, okubalwa kuwona i-ActionSA, iBOSA, namanye amancane.
UMbalula uthe akukho zinhlelo abazaziyo beyi-ANC zokuthi uRamaphosa angahle enze uguquqo kwikhabhinethi. Uthe uRamaphosa akakaze akhulume ngokwenza uguquko kwikhabhinethi.
Uqhube wathi uRamaphosa njengomengameli wezwe, unelungelo namandla okwenza uguquko kwikhabhinethi uma ebona isidingo.