Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UKhuzani uzogubha nabamsizile emculweni

UKhuzani uzogubha nabamsizile emculweni

by | 26 February 2025

UZOSONDEZA ezinye izinhlobo zomculo emgubhweni wakhe umculi kamaskandi ozobe ehlanganisa iminyaka ewu-15 ekule ndima. UKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose uthi nakuba umgubho wakhe uqondene nabalandeli bakhe iBlue Nation kodwa amanye amaciko uwanxusile ukuba abenaye ngalolu suku.


Uthi ngenxa yokuthi empumelelweni yakhe kukhona namanye amaciko abebambisene naye ngokomculo
nangokwemibono, ubone kukuhle ukuba nawo awameme kulo mgubho.Umgubho wempumelelo yakhe yeminyaka ewu-15 kwezomculo uzokuba mhla ka-22 kuNdasa (March) eCarnival City, eGoli.


“Ukuphumelela kwami kuhlanganisaabantu abaningi. Ngakho-ke zonke izinhlaka ezibambe iqhaza
ekuthuthukisweni komculo wami, zizoba yingxenye yalo mgubho. Baningi nabaculi abangaculi umaskandi
nabesibambisene nabo selokhu ngaqala nakuba abanye sitholane ngendlela kodwa umsebenzi wethu
wokujabulisa abantu siwenze sibambisene,” kusho uKhuzani.

Utshele leli phephandaba ukuthi phakathi kwabaculi abazobe bekhona kulo mgubho, kubalwa uBig Zulu, uMnqobi Yazo noMjolisi, uDj Tira, iBlack Diamond, uJumbo nabanye. “Ukuphumelela kwami akuhlanganisi omaskandi kuphela, kodwa
nabanye abangawuculi bangesekile,” esho.

Abaculi bakamaskandi abamenyiwe kubalwa kubona uGatsheni, uFalabo, noLimit. “Ngiyacela abantu ukuba baphuthume
bathole amathikithi ngoba le ndawo esizokwenzela kuyona umcimbi, imumatha umthamo wabantuabancane kakhulu. Zikhona izipesheli zamathikithi,” kusho uKhuzani.
Amathikithi atholakala eShoprite, eComputickets naseTickets Pro ngo- R200.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...