Ilanga News
Home 9 Featured 9 Abukho ubuhlobo phakathi kowoMzansi Magic nowe-SABC 2

Abukho ubuhlobo phakathi kowoMzansi Magic nowe-SABC 2

by | 24 July 2026

ABUKHO ubuhlobo emidlalweni kamabonakude enegama elifanayo iStokvel owawukhonjiswa kwi-SABC 2 nalona omusha ozoqala ukukhonjiswa kuMzansi Magic kusukela ngomhla ka-3 kuNcwaba nonyaka.

UMzansi Magic umemezele ukuthi uza nomdlalo omusha ozokhonjiswa njalo ngoMsombuluko kusukela ngenyanga ezayo.

Ngokwesitatimende esikhishwe yilesi siteshi sikamabonakude lo mdlalo ukhuluma ngabesifazane abane okunguCynthia odlalwa nguNobuhle Mahlasela, uMary odlalwa nguHarriet Manamela, uBathabile odlalwa nguLeer Mthethwa noPuleng odlalwa nguMotsoaledi Setumo.

Laba besifazane kuthiwa bahlanganiswe ukuba ingxenye yeqembu lestokvel isikhathi esingaphezulu kweshumi.

Ukuzwana kwabo sekuze kubenze bafane njengezelamani ezizalwa ndawonye.

Ngokuhamba kwesikhathi kuqala ukushuba phakathi nokugcina kuholela ekutheni kuqale ubuxoki futhi kuvele nezimfihlo ezikhona abanye babo abebezigqibile ukuphoqa ukuzwana.

Kulindeleke ukuthi lo mdlalo wehluke kakhulu kunalokho owabe udlala phambilini unegama elifanayo njengoba owabe ukhonjiswa kwi-SABC 2 wawugabe ngamahlaya futhi ugqamisa ubombano nokuzwana kwabesifazane abahlanganiswe i-stokvel.

Kuzokhumbuleka ukuthi wona wabe ugabe ngabalingisi asebemnkantshubomvu okubalwa kubo uLele Ledwaba, Andrea Dondolo, Manaka Ranaka, Dieketseng Mnisi, Thembi Mtshali Jones, Sello Sebotsane, James Ngcobo nabanye.

Abakwa-Mzansi Magic bakuqinisekisile ukuthi akukho ukuhlobana kwale midlalo ngaphandle kokufana kwamagama nje kuphela.

Ezisematheni

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

ABADAYISA emgaqweni eMgungundlovu, bathole ithuba lokuzikhalela kuSihlalo we-IFP, uMnu Thamsanqa Ntuli ngezinkinga ababhekene nazo zokuswela izindawo zokudayisa nokuvinjwa ngabokufika eNingizimu Afrika abathi sebethathe zonke izindawo kuleli dolobha. Lokhu bakuveze...

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Ogaqele isikhundla sobukhansela kwaNyuswa ngaphansi kwesiFunda saseThekwini wemukelwe ngenhlokomo ubuholi bendabuko ngesikhathi ezokwethulwa ubuholi emphakathini. UMnuz Siphiwe Bulose ubezokwethulwa ngoLwesihlanu njengefolosi le-ANC kuward 2 emcimbini wezinduna...

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

AKHULUME ngazwi linye, avumelana ngokuziphatha kahle amaqembu ezepolitiki akhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya olungomhla ka-4 kuLwezi (November). Bekunomcimbi wokusayinwa kwesivumelwano sokuziphatha nokuzibophezela, e-Olive Convention Centre, eThekwini,...