Ilanga News
Home 9 Featured 9 Abukho ubuhlobo phakathi kowoMzansi Magic nowe-SABC 2

Abukho ubuhlobo phakathi kowoMzansi Magic nowe-SABC 2

by | 24 July 2026

ABUKHO ubuhlobo emidlalweni kamabonakude enegama elifanayo iStokvel owawukhonjiswa kwi-SABC 2 nalona omusha ozoqala ukukhonjiswa kuMzansi Magic kusukela ngomhla ka-3 kuNcwaba nonyaka.

UMzansi Magic umemezele ukuthi uza nomdlalo omusha ozokhonjiswa njalo ngoMsombuluko kusukela ngenyanga ezayo.

Ngokwesitatimende esikhishwe yilesi siteshi sikamabonakude lo mdlalo ukhuluma ngabesifazane abane okunguCynthia odlalwa nguNobuhle Mahlasela, uMary odlalwa nguHarriet Manamela, uBathabile odlalwa nguLeer Mthethwa noPuleng odlalwa nguMotsoaledi Setumo.

Laba besifazane kuthiwa bahlanganiswe ukuba ingxenye yeqembu lestokvel isikhathi esingaphezulu kweshumi.

Ukuzwana kwabo sekuze kubenze bafane njengezelamani ezizalwa ndawonye.

Ngokuhamba kwesikhathi kuqala ukushuba phakathi nokugcina kuholela ekutheni kuqale ubuxoki futhi kuvele nezimfihlo ezikhona abanye babo abebezigqibile ukuphoqa ukuzwana.

Kulindeleke ukuthi lo mdlalo wehluke kakhulu kunalokho owabe udlala phambilini unegama elifanayo njengoba owabe ukhonjiswa kwi-SABC 2 wawugabe ngamahlaya futhi ugqamisa ubombano nokuzwana kwabesifazane abahlanganiswe i-stokvel.

Kuzokhumbuleka ukuthi wona wabe ugabe ngabalingisi asebemnkantshubomvu okubalwa kubo uLele Ledwaba, Andrea Dondolo, Manaka Ranaka, Dieketseng Mnisi, Thembi Mtshali Jones, Sello Sebotsane, James Ngcobo nabanye.

Abakwa-Mzansi Magic bakuqinisekisile ukuthi akukho ukuhlobana kwale midlalo ngaphandle kokufana kwamagama nje kuphela.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...