Ilanga News
Home 9 Featured 9 Usengumsakazi uDkt Mbuyiseni Ndlozi

Usengumsakazi uDkt Mbuyiseni Ndlozi

by | 15 February 2025

UTHOLE umsebenzi omusha usopolitiki wodumo uDkt Mbuyiseni Ndlozi osanda kuphumela obala ngokulaxaza i-EFF nepolitiki yamaqembu eNingizimu Afrika.

UNdlozi wethulwe ngokusemthethweni njengomsakazi omusha ozokwethula uhlelo lwasemini yasekuseni phakathi nezinsuku esiteshini esizinze eGauteng iPower FM.

Uzoqala ngomhla ka-3 kuMarch ukwethula uhlelo iPower Talk olungena phakathi kuka 9 ekuseni no-12 emini.

Kuzokhumbuleka ukuthi bese kunesikhathi engabonakali kwi-EFF kulandela izinsolo zokumiswa kwakhe okwathatha isikhathi ukuthi leli qembu liziqinisekise.

Kwenye yezingxoxo asanda kuzwakala kuzona uNdlozi wakuqinisekisa ukumiswa kwakhe yileli qembu waveza nokuthi phakathi kwezinto amiselwa noza wukusebenzisana neMK Party nokufihlela ubuholi ngodaba oluthinta ukushiya kukaMnu Floyd Shivambu owabe eyiPhini likaMengameli walo.

Engxoxweni abe nayo ne-SABC wakuchitha ukusebenzisana neMK Party wakucacisa ukuthi akakaze asebenzisane naleli qembu njengoba ethi lezi zinsolo zingamampunge futhi kazinasisisekelo.

Ngakwelinye uhlangothi wakuqinisekisa ukuba nolwazi ngokushiya kukaShivambu kodwa wakuveza nalapho ukuthi kwakungekona okwakhe ukubikela ubuholi be-EFF njengoba udaba lwabe kungolukaShivambu futhi kunguyena owabe enegunya lokubika ngokushiya kwakhe. Kusukela kuzwakale izindaba zokujoyina lo msakazo baningi abacoshe ithuba bamhalalisela ngaleli gxathu aselithathile lokungena emkhakheni wezokusakaza.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...