Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Amaphaphu phansi kwabebejabulela ukubona uShwi noMtekhala ndawonye

Amaphaphu phansi kwabebejabulela ukubona uShwi noMtekhala ndawonye

by | 17 December 2025

MANCANE amathuba okuvuka kweqembu likaShwi noMtekhala nakuba amalungu alo uMandla “Shwi” Xaba noZwelenduna “Mtekhala” Magubane, ebonakale ndawonye emcimbini obungoMgqibelo, eMhlathini, eGoli.

Abalandeli baleli qembu bajabulile ngesikhathi kusabalala i-video yalaba baculi bethokozisa abantu bendawonye, esiteji esisodwa. Abanye abalandeli baphawule ezinkundleni zokuxhumana, bezwakalisa ithemba lokuthi kungenzeka liphinde lihlangane leli qembu, likhiqize amanye amanoni.

Ethintwa uMtekhala ngokubonakala nozakwabo kulo mcimbi, uthe nguyena obemumemile uShwi njengoba ebethula ngokusemthethweni i-albhamu yakhe ezimele, esihloko sithi, Inkunzi Emavava, ephume ngoMandulo (September) nonyaka. Uthe nakuba begcine bengena ndawonye esiteji, kodwa kakukho okuthinta ukubuya kwaleli qembu abakukhulumile.

“Okwamanje ngisaqhubeka nokuzimela njengoba sengine-albhamu, kanjalo noShwi uyaqhubeka nomculo wakhe,” kuchaza uMtekhala.

Uthi okwamanje mancane amathuba okuthi leli qembu lingaphinde libonakale lihlangene maduze.

“Kasazi, kungenzeka ngokuhamba kwesikhathi sibuyelane kodwa okwamanje kakukho okukhona ebesisakuxoxile. Bengimumemile njengoba ebezongeseka ngethula i-albhamu yami,” kusho uMtekhala.

Uthi akakaze axabane noShwi. Uthi bayezwana futhi bayahloniphana njengoba befana nabandawonye emculweni.
Ngakolunye uhlangothi, uShwi ubuze intatheli ukuthi seyibona kufanele ibhale udaba yini ngokubonakala kwakhe noMtekhala esiteji, maqede wavala ucingo.

Iqembu likaShwi noMtekhala libalwa nalawo abeke umculo kamaskandi ebalazweni njengoba linamanoni ashise izikhotha okubalwa neyaba nedumela kwasala kancane ukuba yehlukanise unyaka emsakazweni Ukhozi FM esihloko sithi, Ngafa.
UMtekhala utshele ILANGA ukuthi njengoba bebenandisa ndawonye noShwi, bagcina ukubonakala ndawonye ngo-2021.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...