
USIHLALO we-IFP eThekwini, uMnu Sizwe “Mavava” Sikhakhane, uthathe isinqumo sokungena emgaqweni namalungu eqembu ehambisa izikhalo ezikhulwini zamaphoyisa, ngenhloso yokuthi kuvikelwe abesifazane nezingane kusekelwe imboni yamatekisi.
Leli qembu belimasha ezitaladini zeTheku ngoLwesine laze laphelela eGugu Dlamini Park lapho lifike lethula khona uhlu lwezikhalo ezibhekiswe emaphoyiseni. Ubephelezelwa ngumholi wenhlangano ye-Insizwa noBunsizwa Develeopment Foundation, uMnu Nkosikhona “Phakelumthakathi” Ndabandaba, amakhansela e-IFP kanjalo namalungu aleli qembu.
Uthe izikhalo abazilethile ucela abantu bangazibheki ngobuqembu ngoba izinkinga azimashelayo zixake wonke umuntu ongumhlali waseThekwini naseNingizimu Afrika.
“Sicela amaphoyisa asukumele indaba yokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane. Sekukaningi sizwa kuthiwa amaphoyisa anqwamane nezigebengu azidubula zashona kodwa angikaze ngizwe kuthiwa adubule isigebengu esibulale umuntu wesifazane. Ngiyazi ukuthi njengoba ngisho lokhu uhulumeni wethu uzozithulela ngoba ufana noNkulunkulu, uyashesha ukuzwa kodwa uyaphuza ukuphendula. Sifuna nokuthi kulungiswe indaba yemboni yamatekisi ngoba awanikwa izimvume zokusebenza agcine esedliwa. Nami nje ngingomunye odlelwayo amatekisi, kodwa angizile ukuzokhala ngaphezu kwabanye abantu la. Kukhona abesifazne abashiywe ngabayeni babo abasembonini yamatekisi abalanjiswayo ngokuthi kuvalelwe izimoto zabo,” esho.
Uthe unxusa ukuthi kube nesixazululo kungagcinwa ngemashi ngoba kuningi okonakele. Uveze nokuthi abokufika abangenamaphepha ucela uhulumeni ayisukumele indaba yabo.
“Ngixakwa ukuthi laba abathi babevikele izwe bathi bahlaliswa kwamanye amazwe. Okuxakayo ukuthi babelivikele kanjani behleli kwamanye amazwe. Sebebuya kwathiwa akuvulwe imingcele. Umntwana wakwaPhindangene wakhala ngalokho eveza indaba yokuthi amathuba omsebenzi mancane eNingizimu Afrika, uma kuvulwa imingcele kuzoshoda amathuba omsebenzi okumele acoshwe abantu bakuleli,” kusho yena.
tndlovu@ilanganews.co.za







