Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 “Abesilisa mabahloniphe abesifazane”

“Abesilisa mabahloniphe abesifazane”

by | 27 August 2025

YIMEYA yaseMthonjaneni uMnu Mbangiseni Biyela (efake ikepisi nezibuko), neqembu labesilisa bakuWard 4, elidle umhlanganiso ebholeni lezinyawo.


KUGQUGQUZELWE abesilisa abasebasha, ukuba bahloniphe, baphathe kahle abesifazane, emqhudelwaneni wemidlalo eyehlukene ebeyihlelwe wumkhandlu waseMthonjaneni, iMayoral Cup, ebeyibanjelwe enkundleni yezemidlalo iMelmoth Sportfields.

Le midlalo ebiqhubeka ngoMgqibelo, ingenye yezindlela ezisetshenziswa ngohulumeni basekhaya ukuthungatha ikhono entsheni. IMeya uMnu Mbangiseni Biyela, ithe ikholwa wukuthi abantu besilisa kumele bakhiwe besakhula, ukuze bakwazi ukuphatha kahle abanye abantu.

“Kuyiqiniso ukuthi abantu abonakele kakhulu yithina bantu besilisa. Ngiyafisa ukuthi le nto yokuhlukunyezwa kwabesifazane iphele nje, la eMthonjaneni. Yebo izigameko ezithinta abantu besifazane nokuhlukunyezwa kwabo ziningi kakhulu. Isibonelo nje, kuleli sonto eledlule besifihla owesifazane owadutshulelwa endlini yakhe. Empeleni babebathathu endlini ngesikhathi bedutshulwa, kodwa basinda ababili.

“Ngiyafisa kuphele lokhu, kubuyelwe endleleni yakudala lapho okwakwaziwa khona nasempini ukuthi uma sekuvele owesifazane, angenziwa lutho, kube nguyena otakula abalimele. Nathi njengamadoda, kumele sizakhe izingane zethu zisencane, lokho sikuqale endlini ngaphambi kokuthi siphumele eshashalazini,” kusho imeya.

UBiyela uthi phezu kokulekelela intsha ngokuveza amakhono ayo, kodwa inhloso enkulu yemidlalo yakulo nyaka, wukuletha ubumbano phakathi kwezakhamizi noku-zama ukunqanda intsha ukuba ingenzi okungalungile, okufana nezidakamizwa nobugebengu.

“Njengoba sihlale sibahlanganisa kanje ngezemidlalo abantu abasha, sizama ngazo zonke izindlela ukuba bangalitholi ithuba lokwe-nza okungalungile ngokuba babe yingxenye yezemidlalo. Akupheleli lapha, kodwa kuyaphoqa ukuthi umuntu ajime zonke izinsuku, okuyinto enciphisa isikhathi sokuzibandakanya nezidakamizwa nokunye okungalungile. Siyafisa kweminye imidlalo ezolandela efana neyakwaSalga, ukuthi intsha yalapha eMthonjane-ni izibandakanye nayo,” ephetha.

Le midlalo ebeyifaka ibhola lezinyawo labesilisa nabesifazane, iNetball neVolleyball, iphethe ngokunqoba kwamawadi awu-5 kwawu-13, emidlalweni eyehlukene.

Abanqobile bahlomule ngemali ephakathi kuka-R2 500 kuya ku- R10 000, nezinsiza zokudlala. Ibhange iStandard Bank, liphinde “lahlekisa” laba abanqobile, ikakhulukazi amaqembu abesifazane ngokuwengezela imali ephakathi kuka-R1 000 no-R1 500.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...