Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kubhuntshe ukwethulwa kwesabelomali ePhalamende

Kubhuntshe ukwethulwa kwesabelomali ePhalamende

by | 19 February 2025

KUBE nendumalo kubhuntsha umcimbi wokwethulwa kwenkulumo yesabelomali sikahulumeni kazwelonke, obesibhekwe ngabomvu ngoLwesithathu.

Kungokokuqala ngqa ukuba umhlangano wephalamende wokwethulwa kwesabelomali ubhuntshe ngalolu hlobo.

Kuqapheleke ukuthi kukhona okushaya amanzi ngesikhathi uNgqongqoshe weMali uMnu Enoch Godongwana engabonakali kwaze kwashaya ihora lesibili ntambama, ledlula, okuyisikhathi obekufanele aqale ngaso inkulumo yakhe.

Le nkulumo yesabelomali bekungeyokuqala kulo hulumeni wobumbano lwamaqembu ehlukene, obunjwe emuva kokhetho lukazwelonke nezifundazwe lwanyakenye, lapho i-ANC yehluleka khona ukuthola amavoti enele ukuba ikwazi ukuhola izwe ngokuzimela njengoba bekwenzeka eminyakeni edlule.

Kuyaqala ukuthi kuhlehle umcimbi wesabelomali eNingizimu Afrika kusukela kwaphatha uhulumeni wentando yeningi

Imibiko ikhomba ukuthi ukuhlehliswa kokwethulwa kwalesi sabelomali kudalwe wukugqubuzana okususwe yindaba yentela ekhokhwa ngabathengi, i-value added tax (VAT), okubikwa ukuthi uGodongwana ubezomemezela ukwenyuswa kwayo.

USomlomo wephalamende uNkk Thoko Didiza umemezele ngokusemthethweni phambi kwamalungu ephalamende ukuthi kuyahlehliswa ukwethulwa kwenkulumo yesabelomali.

Nokho belungakamenyezelwa usuku olusha ezokwethulwa ngalo.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...