Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kubhuntshe ukwethulwa kwesabelomali ePhalamende

Kubhuntshe ukwethulwa kwesabelomali ePhalamende

by | 19 February 2025

KUBE nendumalo kubhuntsha umcimbi wokwethulwa kwenkulumo yesabelomali sikahulumeni kazwelonke, obesibhekwe ngabomvu ngoLwesithathu.

Kungokokuqala ngqa ukuba umhlangano wephalamende wokwethulwa kwesabelomali ubhuntshe ngalolu hlobo.

Kuqapheleke ukuthi kukhona okushaya amanzi ngesikhathi uNgqongqoshe weMali uMnu Enoch Godongwana engabonakali kwaze kwashaya ihora lesibili ntambama, ledlula, okuyisikhathi obekufanele aqale ngaso inkulumo yakhe.

Le nkulumo yesabelomali bekungeyokuqala kulo hulumeni wobumbano lwamaqembu ehlukene, obunjwe emuva kokhetho lukazwelonke nezifundazwe lwanyakenye, lapho i-ANC yehluleka khona ukuthola amavoti enele ukuba ikwazi ukuhola izwe ngokuzimela njengoba bekwenzeka eminyakeni edlule.

Kuyaqala ukuthi kuhlehle umcimbi wesabelomali eNingizimu Afrika kusukela kwaphatha uhulumeni wentando yeningi

Imibiko ikhomba ukuthi ukuhlehliswa kokwethulwa kwalesi sabelomali kudalwe wukugqubuzana okususwe yindaba yentela ekhokhwa ngabathengi, i-value added tax (VAT), okubikwa ukuthi uGodongwana ubezomemezela ukwenyuswa kwayo.

USomlomo wephalamende uNkk Thoko Didiza umemezele ngokusemthethweni phambi kwamalungu ephalamende ukuthi kuyahlehliswa ukwethulwa kwenkulumo yesabelomali.

Nokho belungakamenyezelwa usuku olusha ezokwethulwa ngalo.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...