Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 I-NFP icabe ebheke olohulumeni basekhaya

I-NFP icabe ebheke olohulumeni basekhaya

by | 29 April 2025

SELIQALILE ukucaba indlela ebheke okhethweni lohulumeni basekhaya iqembu lezepolitiki iNational Freedom Party kulandela umhlangano wesigungu esiphezulu sesifundazwe obubanjelwe eCoastlands eMhlanga ngoMgqibelo.

Leli qembu uNkz Mbali Shinga njengosihlalo weKwaZulu Natal libambe lo mhlangano nabobonke abajutshwe ezikhundleni zokuphatha kuhulumeni ookuhlanganisa amakhansela nezimeya zabo kulesi sifundazwe.

UNkz Shinga uthe lo mhlangano ube yimpumelelo ngoba bakwazile ukuqala ukucaba indlela ebheke okhethweni lwangonyaka ozayo lohulumeni basekhaya.

Uthe phakathi kwezinqumo abaphume nazo kube wukuqinisa ukusebenzela umphakathi kubona bonke abajutshiwe ikakhulukazi kulabo masipala abangenzanga kahle nalabo bephethe khona ngokubambisana namanye amaqembu.

“Siphume nokuthi kulabo esiphethe ngokubambisana namanye amaqembu sisebenze ngokuphindiwe ukuze sikwazi ukuthi sibaphathe ngokugcwele labo masipala siphinde siqinise nezinhlaka zethu emazingeni amaphansi,” kusho uNks Shinga eveza ukuthi izinkinga zesigungu esiphezulu sikazwelonke siyaklapakela emazingeni aphansi nokwenza kube noqhekeko kumalungu awo.

Uveze ukuthi beyisigungu sesifundazwe bake bayenza imizamo yokuthi bahlanganyele nesigungu esiphezulu seqembu kodwa babuya belambatha. Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwasabalala imibiko ethi abusekho buhle ubudlelwano phakathi kukaMengameli waleli qembu uMnu Ivan Barnes noMnu Sibusiso Mkhabela onguSihlalo weqembu futhi oyiMeya kuMasipala waseDumbe.

Lokhu kwavela ngesikhathi kusabalala umqhafazo kaBarnes ekhala ngokuzitshwa uMkhabela kuzona zonke izindlela zokuzama ukuxhumana naye.

UNkz Shinga uthe okunye okudala kube nzima ukubambisana phakathi kwesigungu sesifundazwe nesikazwelonke wukuthi bonke bampintshene esifundazweni esisodwa.

“Kungakuhle isigungu sikazwelonke sisabalale siye nakwezinye izifundazwe ukuze kwakhe izinhlaka nakuzona iqembu likhule kunokuthi sonke sigxile esifundazweni esisodwa,” kusho yena.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...