
AMAQEMBU ezepolitiki aphonsela inselelo umphakathi ohlala ngaphansi kukaMasipala weTheku, ngesiphakamiso sesabelomali sika-R74.7 billion, esihambisana nokunyuswa kwentela yokuqoqwa kwemfucuza, amanzi nogesi.
NgoLwesibili iMeya uMnu Cyril Xaba yethule isiphakamiso salesi sabelomali, yathi sebekulungele ukuhambela izindawo ezahlukene, belalela iziphakamiso zomphakathi ngaso, njengoba nawo uzovumeleka ukwenza iziphakamiso ngaphambi kokuba isabelomali senziwe sibe semthethweni.
Lesi sabelomali siphakamise ukuthi amanzi anyuswe ngo-15% emalungwini omphakathi, kuthi amabhizinisi anyuselwe ngo-16%, ugesi unyuke ngo-10.5%, abanikazi bamabhilidi banyuselwe ngo-5%, ukuthuthwa kwendle kunyuswe ngo-13% emalungwini omphakathi. Kubanikazi bamabhizinisi kunyuswe ngo-14%, bese kuthi ukuqoqwa kwemfucuza kona kunyuswe ngo-13%.
UXaba uthe lesi siphakamiso salesi sabelomali, sizokwazi ukusiza umasipala ngokubhekana nezidingo zomphakathi njengoba sezikhona izinhlelo zokulungiswa kwengqalasizinda kwezinye izindawo.
Amaqembu ahlukene kulo masipala akhombise ukungahambisani neziphakamiso zokunyuswa kwentela kwezinye zezidingongqangi zomphakathi, njengoba eveze ukuthi zizothwalisa kanzima amalungu omphakathi avele abhekene nengcindezi esikhathini samanje.
USotswebhu we-IFP, uMnu Sandile Gwala, uthe akukho okutheni abangakusho okwamanje ngalesi siphakamiso sesabelomali, kwazise kasikabekwa ngokusemthethweni emkhandlwini, kodwa kuseyisiphakamiso esisazoya emphakathini.
“Nakuba sinazo izikhalo ngokunyuswa kwezinye izinto, kodwa sizobheka izimbizo zokuhanjelwa kwemiphakathi ngaphambi kokuba senze ezethu izethulo,” kusho uGwala.
UMnu Zwakele Mncwango we-ActionSA, ukubeke kwacaca ukuthi uma sigcina siphasa lesi siphakamiso, sizodala ukuba sande isibalo sabantu abakweleta umasipala.
“Vele kumanje abantu bathwele kanzima, ngakho ngeke sivumelane ngokuthi izidingongqangi zabantu zinyuswe ngemali engaphezulu kwehambisana ne-inflation. Sinxusa umphakathi ukuba uzihambele izimbizo zokudingidwa kwalesi sabelomali, futhi uzenze iziphakamiso ezizokwazi ukuthi ziwusize,” kusho uMncwango.
Unxuse nezikhulu zikamasipala ukuba zingagcini ngokuhambela izimbizo nje, kodwa zizithathele phezulu neziphakamiso zomphakathi.
“Kubuhlungu ukubona ukuthi uma beya ezindaweni ezifana namalokishi abantu kuyimbizo, kukhuluma izikhulu, bese abantu benikezwa ukudla, banganikwa ithuba lokuthi balalelwe. kodwa uma kuyiwa kwezisesilungwini, kuyiwa emahholo kube wumhlangano ohloniphekile, futhi namalungu omphakathi anikwe ithuba elanele lokuphawula,” kusho uMncwango.
I-DA nayo isichithile isiphakamiso, yathi sizothwalisa kanzima abantu. Kulindeleke ukuba uhlelo lokuxhumana nomphakathi nezikhulu zomasipala luqale maduze.







