Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 UCeleste usathathe ikhefu kwezokulingisa

UCeleste usathathe ikhefu kwezokulingisa

by | 2 March 2025

USOMAHLAYA wodumo uCeleste Ntuli, uthi kumsizile ukuthatha ikhefu kwezokulingisa ukuze agxile ekusabalaleni emkhakheni wamahlaya.

UCeleste ungomunye wosomahlaya baKwaZulu-Natal asebezakhele igama kulo mkhakha nakwezokulingisa njengoba eseke wabonakala emidlalweni eyahlukene kumabonakude, okubalwa kuyona Isibaya neminye.

Kulo nyaka uveze ukuthi uzoqala imizungezo yokugubha iminyaka ewu-20 esemahlayeni. ILANGA Lempelasonto likhulume nalo somahlaya kulandela ukunyamalala kwakhe kumabonade.

Uthe ukungabonakali kwakhe kumabonakude kakusho ukuthi uhleli ekhaya, akukho akwenzayo.

“Ngimatasa kakhulu, kusukela ngathatha ikhefu kwezokulingisa. Abantu kumele bakuqonde ukuthi empeleni mina ngingusomahlaya kuqala ngaphambi kokuba ngibe ngumlingisi,” kusho le ntokazi ehlangane naleli phephandaba emcimbini obuseThe Chairman, eThekwini ngeledlule.

“Ukuba ngusomahlaya yikhona okuhamba phambili kumina. Ukulingisa kwangenza ngaziwa kakhulu, kodwa kwangibambezela kwezinye izinto ezithinta amahlaya. Ngikhuluma nawe nje, sengihlale ngishaya imizungezo kwamanye amazwe ukukhulisa igama lami kulo mkhakha. Imizungezo ngiyenza emazweni ase-Afrika naphesheya kwezilwandle,” kusho uCeleste.

Uthi usanda kubuya e-UK ukuyokwenza umzungezo wakhe.

“Njengoba ngibuyile kuleli, ngihlela umzungezo wami wamadolobha akuleli wokugubha iminyaka ewu-20 ngisemkhakheni wamahlaya. Ngifuna ukuhambela wonke amadolobha amakhulu akuleli ,” kusho uCeleste.

Uveze ukuthi usazobuyela kwezokulingisa kodwa okwamanje usagxile emahlayeni ngoba yiwona aphila ngawo, futhi ufuna ukugubha iminyaka ewu-20 ngendumezulu yomcimbi wokuvala unyaka.

Uthe nakulo nyaka uzoba nawo umcimbi wakhe waminyaka yonke awenza eThekwini ngenyanga azalwa ngayo uNcwaba (August).

“Lowo awuhlangene nowokugubha iminyaka ewu-20, kodwa uzimele eceleni,” kusho yena.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...