Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 UCeleste usathathe ikhefu kwezokulingisa

UCeleste usathathe ikhefu kwezokulingisa

by | 2 March 2025

USOMAHLAYA wodumo uCeleste Ntuli, uthi kumsizile ukuthatha ikhefu kwezokulingisa ukuze agxile ekusabalaleni emkhakheni wamahlaya.

UCeleste ungomunye wosomahlaya baKwaZulu-Natal asebezakhele igama kulo mkhakha nakwezokulingisa njengoba eseke wabonakala emidlalweni eyahlukene kumabonakude, okubalwa kuyona Isibaya neminye.

Kulo nyaka uveze ukuthi uzoqala imizungezo yokugubha iminyaka ewu-20 esemahlayeni. ILANGA Lempelasonto likhulume nalo somahlaya kulandela ukunyamalala kwakhe kumabonade.

Uthe ukungabonakali kwakhe kumabonakude kakusho ukuthi uhleli ekhaya, akukho akwenzayo.

“Ngimatasa kakhulu, kusukela ngathatha ikhefu kwezokulingisa. Abantu kumele bakuqonde ukuthi empeleni mina ngingusomahlaya kuqala ngaphambi kokuba ngibe ngumlingisi,” kusho le ntokazi ehlangane naleli phephandaba emcimbini obuseThe Chairman, eThekwini ngeledlule.

“Ukuba ngusomahlaya yikhona okuhamba phambili kumina. Ukulingisa kwangenza ngaziwa kakhulu, kodwa kwangibambezela kwezinye izinto ezithinta amahlaya. Ngikhuluma nawe nje, sengihlale ngishaya imizungezo kwamanye amazwe ukukhulisa igama lami kulo mkhakha. Imizungezo ngiyenza emazweni ase-Afrika naphesheya kwezilwandle,” kusho uCeleste.

Uthi usanda kubuya e-UK ukuyokwenza umzungezo wakhe.

“Njengoba ngibuyile kuleli, ngihlela umzungezo wami wamadolobha akuleli wokugubha iminyaka ewu-20 ngisemkhakheni wamahlaya. Ngifuna ukuhambela wonke amadolobha amakhulu akuleli ,” kusho uCeleste.

Uveze ukuthi usazobuyela kwezokulingisa kodwa okwamanje usagxile emahlayeni ngoba yiwona aphila ngawo, futhi ufuna ukugubha iminyaka ewu-20 ngendumezulu yomcimbi wokuvala unyaka.

Uthe nakulo nyaka uzoba nawo umcimbi wakhe waminyaka yonke awenza eThekwini ngenyanga azalwa ngayo uNcwaba (August).

“Lowo awuhlangene nowokugubha iminyaka ewu-20, kodwa uzimele eceleni,” kusho yena.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...