Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 I-SABC nezingxoxo zokusakazwa kweBetway Premiership

I-SABC nezingxoxo zokusakazwa kweBetway Premiership

by | 3 August 2026

INHLANGANO yezokusakaza eNingizimu Afrika, iSouth African Broadcasting Corporation (SABC), ithi seziphothuliwe izingxoxo ngokusakazwa kwemidlalo yebhola likanobhutshuzwayo yomqhudelwano we-MTN 8, nakuba ingakaziphothuli ezokusakazwa kweyeBetway Premiership.

Kule mpelasonto iSABC ayikwazanga ukusakaza ukuqala kwemidlalo yeBetway Premiership, ngenxa yezingxoxo eziqhubekayo phakathi kwayo nenkampani ephethe iSuperSport, iCanal, okuyiyona enamalungelo asemthethweni okusakaza le midlalo. 

Isikhulu esiphezulu sale nhlangano, uNkk Nomsa Chabeli, sithe iSABC izibophezele ukuphothula izingxoxo ngesikhathi ukuze abantu bakwazi ukuthokozela le midlalo. UNkk Chabeli uthe bayakujabulela ukuthi izingxoxo zokusakazwa komqhudelwano we-MTN 8, zisheshe zaphothulwa, njengoba lona kuwumqhudelwano onedumela kubathandi bebhola likanobhutshuzwayo. 

UMnu David Mignot,  oyisikhulu seCanal, uthe bayabuthokozela ubudlelwano obuphakathi kwabo neSABC ngokusakaza imidlalo yomqhudelwano yeMTN 8.

“Sisaqhubeka nezingxoxo ngokusakaza imidlalo yeBetwayo Premiership, futhi sinethemba lokuthi sizoziphothula maduze,” esho. 

I-SABC ixolisile kubathandi bebhola ngokungakwazi ukusakaza imidlalo yale mpelasonto ebihambisana nokuqala kweBetway Premiership.

Ezisematheni

Bazokhumbula iNdidane abeMpucuzeko

Bazokhumbula iNdidane abeMpucuzeko

IZOKWENZA konke okusemandleni ukuvuselela amagalelo owayeyisilomo sikamaskandi uMtshengiseni “iNdi- dane” Gcwensa (ongasekho), iMpucuzeko Maskandi Festival. Lokhu kuvezwe ngumhleli wayo uMnu Xolani Mcineka ngoLwesibili ebusuku eKZN Music House, eThekwini, kwethulwa...

Umlingisi nesithangami sabesifazane eMthwalume

Umlingisi nesithangami sabesifazane eMthwalume

INKAKHA yomlingisi uBaby Cele uhlose ukufukula intsha nabesifazane emncintiswaneni we-netball obizwa ngeBaby Cele's Royal Beach Netball Cup ozoba soThuthwini, eMthwalume mhla ka 09 August, ngeSonto. Lo mlingisi uthi umdlalo we-netball ukhule ewuthanda nakuba engazange...

Lunqunywe ngokusemthethweni olokhetho luka 2026

Lunqunywe ngokusemthethweni olokhetho luka 2026

SEKUSEMTHETHWENI ukuthi ukhetho loHulumeni baseKhaya lakulonyaka luzokuba ngomhlaka 4 kuNovember. Lokhu kuza ngemuva kokuba uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu kuzwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, esayine ngokusemthethweni lolu suku njengolokusingatha...