Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 I-SABC nezingxoxo zokusakazwa kweBetway Premiership

I-SABC nezingxoxo zokusakazwa kweBetway Premiership

by | 3 August 2026

INHLANGANO yezokusakaza eNingizimu Afrika, iSouth African Broadcasting Corporation (SABC), ithi seziphothuliwe izingxoxo ngokusakazwa kwemidlalo yebhola likanobhutshuzwayo yomqhudelwano we-MTN 8, nakuba ingakaziphothuli ezokusakazwa kweyeBetway Premiership.

Kule mpelasonto iSABC ayikwazanga ukusakaza ukuqala kwemidlalo yeBetway Premiership, ngenxa yezingxoxo eziqhubekayo phakathi kwayo nenkampani ephethe iSuperSport, iCanal, okuyiyona enamalungelo asemthethweni okusakaza le midlalo. 

Isikhulu esiphezulu sale nhlangano, uNkk Nomsa Chabeli, sithe iSABC izibophezele ukuphothula izingxoxo ngesikhathi ukuze abantu bakwazi ukuthokozela le midlalo. UNkk Chabeli uthe bayakujabulela ukuthi izingxoxo zokusakazwa komqhudelwano we-MTN 8, zisheshe zaphothulwa, njengoba lona kuwumqhudelwano onedumela kubathandi bebhola likanobhutshuzwayo. 

UMnu David Mignot,  oyisikhulu seCanal, uthe bayabuthokozela ubudlelwano obuphakathi kwabo neSABC ngokusakaza imidlalo yomqhudelwano yeMTN 8.

“Sisaqhubeka nezingxoxo ngokusakaza imidlalo yeBetwayo Premiership, futhi sinethemba lokuthi sizoziphothula maduze,” esho. 

I-SABC ixolisile kubathandi bebhola ngokungakwazi ukusakaza imidlalo yale mpelasonto ebihambisana nokuqala kweBetway Premiership.

Ezisematheni

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

Bakhale kuSihlalo we-IFP waseKZN ekhankasela ukhetho

ABADAYISA emgaqweni eMgungundlovu, bathole ithuba lokuzikhalela kuSihlalo we-IFP, uMnu Thamsanqa Ntuli ngezinkinga ababhekene nazo zokuswela izindawo zokudayisa nokuvinjwa ngabokufika eNingizimu Afrika abathi sebethathe zonke izindawo kuleli dolobha. Lokhu bakuveze...

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Inkosi yamaNyuswa ifake isigxivizo kogaqele esobukhansela

Ogaqele isikhundla sobukhansela kwaNyuswa ngaphansi kwesiFunda saseThekwini wemukelwe ngenhlokomo ubuholi bendabuko ngesikhathi ezokwethulwa ubuholi emphakathini. UMnuz Siphiwe Bulose ubezokwethulwa ngoLwesihlanu njengefolosi le-ANC kuward 2 emcimbini wezinduna...

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

Bathembisa ukhetho olunokuthula KwaZulu-Natal

AKHULUME ngazwi linye, avumelana ngokuziphatha kahle amaqembu ezepolitiki akhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya olungomhla ka-4 kuLwezi (November). Bekunomcimbi wokusayinwa kwesivumelwano sokuziphatha nokuzibophezela, e-Olive Convention Centre, eThekwini,...