INKAMPANI yezimo eziphuthumayo iTMM MED ibonge uNdunankulu waKwaZulu Natal uMnu Thami Ntuli ngesikhathi yenze umcimbi wokuphothula unyaka emcimbini obuseGreen Estate eMgungundlovu.
Le nkampani ephinde ibe nemitholampilo ezimele eMgungundlovu ephethwe uDkt Xolani Ntombela nomkakhe uDkt Lelo Nkosi-Ntombela ivale unyaka ngegiya eliphezulu njengoba ibonge izisebenzi zayo ezenza kahle nesezibe kuyona iminyaka eminingi.
Yaqala ngezindlu zodokotela eminyakeni ewu-16 eyedlule kwase kulandela ngezimoto zezimo eziphuthumayo (ambulances) kwewu-12 eyedlule.
UDkt Nkosi Ntombela oyiNhloko yoDokotela kule nkampani uveze ukuthi nakuba zibe khona izingqinamba zalo nyaka kodwa bakwazile ukuba nempumelelo yokuvula amagatsha ezindaweni ezine kulo nyaka.
Uthe amagatsha ama-ambulance abo aseyatholakala ezindaweni ezifana neTheku, Richards Bay, Sikhaleni naseMgungundlovu.
“Ngasohlangothini lwama-ambulances sesitholakala kusona sonke isifundazwe nokuyinto esithokozisayo njengobsa sikwazile nokusha abantu abasha kuwona lo nyaka,” kusho uDkt Nkosi Ntombela oveze ukuthi le nkampani isiqashe izisebenzi eziwu-55 ezisebenza ngokugcwele.
Umcimbi wokuphothula konyaka ubuhanjelwe undunankulu wesifundazwe ophinde waba yisikhulumi sosuku kulo mcimbi.
“Kube yintokozo ukuba nondunankulu emcimbini wethu njengoba ekwazile ukuchazela ngezinhlelo uhulumeni anazo ukucathulisa intsha nokuyiyona esisebenza nayo kakhulu futhi esifuna ukuqhubeka siyivulele amathuba,” kusho uDkt Nkosi Ntombela ebonga nenkampani yezimoto iBMW Pietermaritzburg adlale indima emqoka ukuqinisekisa ukuthi lo mcimbi uba impumelelo.
Kulo mcimbi uNtuli uhlonishwe ngesitifiketi sale nkampani sokumbonga ngokuba nezinhlelo zokukhuthaza nokukhulisa intsha.