Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezempilo 9 Eyezimo eziphuthumayo ibonge undunankulu iphothula unyaka

Eyezimo eziphuthumayo ibonge undunankulu iphothula unyaka

by | 23 December 2024

KUSUKA kwesokunxele uDkt Xolani Ntombela, uNdunankulu uMnu Thami Ntuli noDkt Lelo Nkosi-Ntombela

INKAMPANI yezimo eziphuthumayo iTMM MED ibonge uNdunankulu waKwaZulu Natal uMnu Thami Ntuli ngesikhathi yenze umcimbi wokuphothula unyaka emcimbini obuseGreen Estate eMgungundlovu.

Le nkampani ephinde ibe nemitholampilo ezimele eMgungundlovu ephethwe uDkt Xolani Ntombela nomkakhe uDkt Lelo Nkosi-Ntombela ivale unyaka ngegiya eliphezulu njengoba ibonge izisebenzi zayo ezenza kahle nesezibe kuyona iminyaka eminingi.

Yaqala ngezindlu zodokotela eminyakeni ewu-16 eyedlule kwase kulandela ngezimoto zezimo eziphuthumayo (ambulances) kwewu-12 eyedlule.

UDkt Nkosi Ntombela oyiNhloko yoDokotela kule nkampani uveze ukuthi nakuba zibe khona izingqinamba zalo nyaka kodwa bakwazile ukuba nempumelelo yokuvula amagatsha ezindaweni ezine kulo nyaka.

Uthe amagatsha ama-ambulance abo aseyatholakala ezindaweni ezifana neTheku, Richards Bay, Sikhaleni naseMgungundlovu.

“Ngasohlangothini lwama-ambulances sesitholakala kusona sonke isifundazwe nokuyinto esithokozisayo njengobsa sikwazile nokusha abantu abasha kuwona lo nyaka,” kusho uDkt Nkosi Ntombela oveze ukuthi le nkampani isiqashe izisebenzi eziwu-55 ezisebenza ngokugcwele.

Umcimbi wokuphothula konyaka ubuhanjelwe undunankulu wesifundazwe ophinde waba yisikhulumi sosuku kulo mcimbi.

“Kube yintokozo ukuba nondunankulu emcimbini wethu njengoba ekwazile ukuchazela ngezinhlelo uhulumeni anazo ukucathulisa intsha nokuyiyona esisebenza nayo kakhulu futhi esifuna ukuqhubeka siyivulele amathuba,” kusho uDkt Nkosi Ntombela ebonga nenkampani yezimoto iBMW Pietermaritzburg adlale indima emqoka ukuqinisekisa ukuthi lo mcimbi uba impumelelo.

Kulo mcimbi uNtuli uhlonishwe ngesitifiketi sale nkampani sokumbonga ngokuba nezinhlelo zokukhuthaza nokukhulisa intsha.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...