
IVULELEKE emakhosini nabantu nje jikelele, ingqungquthela yokuqala ehambisana nobuchwepheshe besimanje obaziwa ngele-Artificial Intelligence (AI), ebizwa ngeKwaZulu-Natal AI Summit, ezokuba ngomhla ka-14 kuLwezi (November) eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini.
Le ngqungquthela ihlelwa yinhlangano ebhekelela ezobuchwepheshe esifundazweni, iKZN AI Foundation. Ibhekelela ukucathulisa nokufundisa abantu ngalolu hlobo lobuchwepheshe, nokukhuthaza abantu ukuba bangayibukeli kude i-AI, kodwa bayamukele. Ingqungquthela ihlose nokubavezela indlela amathuba emisebenzi angavuleka ngayo.
Baningi abanetwetwe lokuthi i-AI izoqeda ngemisebenzi yabantu
Ekhuluma neLANGA uMnu Sandile Ngema, oyiPhini likaSihlalo wale nhlangano, uthe esikhathini samanje kuyaphoqa ukuba wonke umuntu abuqonde ubuchwepheshe be-AI.
“Sibonile ukuthi kusukela lobu buchwepheshe buqalile ukusabalala, baningi abanetwetwe ngabo (ubuchwepheshe), njengoba abanye becabanga nokuthi buzoqeda ngemisebenzi yabantu. Abantu kakufanele ukuba bagxile kulokhu okuzoqedwa yi-AI, kodwa kumele babheke lokhu okusha okuza nayo,” kuchaza uNgema.
Uthe kuyiqiniso ukuthi uma kufika okusha, kukhona okuphelayo, kanjalo, futhi kuba khona namathuba avulekayo.
Kuzocijwa umphakathi ngezindlela ezinenzuzo zokuyisebenzisa
“Yilapho okumele singabantu sigxile khona, kulawo mathuba nokuthi singakwazi kanjani ukuphila ne-AI ngendlela ezosithuthukisa, isiyise phambili,” esho.
Uthi okuhle ngalobu buchwepheshe wukuthi nezikole zakulesi sifundazwe, seziqalile ukukhiqiza abafundi asebekwazile ukwakha amarobhothi nokunye okuhambi-sana nabo (ubuchwepheshe).
“Inhloso yethu enkulu wukuthi sibe yisifundazwe ‘esiwungqa’ phambili kwezobuchwepheshe, kusukela ekuqondeni ukuthi iyini i-AI, nokuthi yiziphi izindlela zokuyisebenzisa ezinenzuzo futhi ezithuthukisa umphakathi,” esho.
Uthe kule ngqungquthela bameme izitshudeni eziqhamuka ezikhungweni zemfundo ephakeme, osolwazi, osomabhizinisi, amakhosi nabantu nje, jikelele ukuba basondele ukuzofunda kabanzi, bathole ulwazi oluzobathuthukisa.
Wenze isibonelo ngama-drone akwazi ukuchelela amapulazi
“Esikhathini samanje ngeke usayibalekela i-AI ngoba izothinta lonke uhlobo lomuntu. Yingakho simeme namakhosi ngoba nasezinda-weni zasemakhaya sifuna bayiqonde. Kasifuni izindawo zasemakhaya zigcine ngokuthuthuka ngezakhiwo nengqalasizinda, kodwa nangabo ubuchwepheshe,” esho.
Wenze isibonelo ngokuthi kunama-drone akwazi ukuchelela amapulazi, nalawo akwazi ukuhlenga abantu uma kunezimo zezinhlekelele, nokunye.
“Siyadinga ukuthi konke lokhu abantu abanamapulazi bazi ngakho, nomasipala bazi ngala ma-drone angaba wusizo uma kunezinhlekelele,” esho.
Uthi kunoma ngubani onesifiso sokuba yingxenye yale ngqungquthela, ikhona imininingwane kwi-website yabo.
Kumenywe izikhulumi nosolwazi bezikhungo zemfundo ephakeme
“Sizobe sinezikhulumi ezahlukene kusukela kosolwazi bezikhungo, abafundisa ngabo ubuchwepheshe, kube ngabaqhamuka ezinkampa-nini zobuchwepheshe nongoti imbala,” esho.
Ezikhulumini azibalile, kukhona uDkt Hwan Kim waseKorea, uMnu Sandile Mahlaba wakwaMicrosoft, uSolwazi Ray Maharaj oyiNhloko yomnyango we-Obstertrics neGynaecology eNyuvesi yaseFree State, uNkz Katie Brown ongungoti wezobuchwepheshe, uSolwazi Gabriel Kabanda weNyuvesi yaKwaZulu-Natal, ukukha nje phezulu.
Uthi ngosuku lwengqungquthela izobe ikhona eminye imikhiqizo ye-AI, okuzobe kukhonjiswa ngayo nokuthi ingasetshenziswa kanjani emphakathini.







